MERCEDES BENZ X-CLASS
NJENGOBA sezibaliwe izinsuku ngaphambi kokuthi itheleke kwelengabadi iveni lakwaMercedes-Benz iX-Class, amanani okuthi le moto izobiza malini aseqinisekisiwe.

Le ngqovungqovu kulindeleke ukuthi yethulwe ngokusemthethweni ngoMeyi kulo nyaka.

KwaMercedes bayichaza njengeveni elihlanganisa ukuba yiveni namandla ezimoto zakhona. Ibukeka njengeveni lesimanje, ilushaya kalula ubhuqu ibe intofontofo futhi iphephile.

Amakhasimende asengaqala athumele ama-oda ayo futhi azoyithola maphakathi noMeyi. Ngokungena ku-www.x-class.co.za angakwazi ukuzikhethela ukuthi imoto yawo afuna ukuthi ubukeke kanjani.

Izinhlobo ezizotholakala kuleli iX-Class PROGRESSIVE ebhekiswe kubantu abafuna iveni eligolozile kodwa elinesitayela futhi elintofontofo.

Kukhona neX-Class POWER yona ebhekiswe kantu ababeka phambili isitayela, amandla kanjalo nokuba ntofontofo kwemoto. Yimoto eyakhelwe abantu abafun ukuzishayelwa wumoya kodwa abaphumayo uma kuyizimpelasonto.

Inhloko yakwaMercedes-Benz Vans Southern Africa uNadia Trimmel uthi iX-Class izobeka isigaba samaveni kuleli kwelinye izinga.

“Siyazethemba ngokuthi alikho elinye iveni elinganikeza amakhasimende izinga lobuntofontofo, ubuchwepheshe, ukukwazi ukuyisebenzela izidingo ezahlukene, amandla kanjalo nangokuthembeka njengeX-Class,” kusho uTrimmel.

Amanani

X-Class X220d 4X2 PROGRESSIVE (Manual Transmission) R642 103

X-Class X250d 4X2 PROGRESSIVE (Automatic Transmission) R 694 025

X-Class X250d 4X4 PROGRESSIVE (Manual Transmission kodwa uyayithola ne-automatic uma uthanda) R 696 785

X-Class X250d 4X4 POWER (Manual Transmission kodwa uyayithola ne-automatic uma uthanda) R791 315

Ifika ne-maintenance plan yeminyaka eyisithupha noma u-100 000km. Amakhasimende ayakwazi kodwa ukufaka imali bese iyeluleka ibe yiminyaka eyisishiyagalombili noma u-180 000.

Inani futhi libala iVAT engu-15% ezoqala ukusebenza ngenyanga ezayo.