GOLD R

ININGIZIMU Afrika ingenye yezimakethe ezibalulekile kwaVolkswagen ikakhulukazi uma kukhulunywa ngemoto yabo iGolf.

Kungalesi sizathu sekudayiswe angaphezulu kuka-36 717 kusukela ngo-2013. Kuyimanje uma ungena ezinkundleni zokuxhumana abanye bakhuluma ngeGolf 8 abathi ingafika noma yinini.

“Ngiyazi nizobuza ngayo kodwa akukho esingakuphawula okwamanje ngeGolf 8 esakhiwa,” kusho owengamele ezokuxhumana kwaVolkswagen South Africa uMnuz Andile Dlamini.

Ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa iGolf R enamandla engeziwe eKapa lodumo ngesonto eledlule. Abantu bayazifela ngeGolf enamandla njengoba iGTI ithengwa ubuthaphuthaphu. Kanjalo no “last number” wamaGolf, iR, abantu bayayithenga njengoba kuthengwe angaphezulu kuka-4 050 kusukela ngo-2013.

Angingabe ngisathemeleza, iGolf R ebesiyishayela yengezwe amandla angu-15 kW.

Lokhu kusho ukuthi isiphethe amandla angu-228 kW netorque engu-400 Nm. Ifika neLaunch Control eyenza isukise okwenhlamvu kwazise ukufika ku-100km/* kuyithatha imizuzwana engu-4.6.

Njengaphambilini, * -gearbox kuseyiwo lowo oshintsha kamnandi i-7-speed DSG, okuthi uma kungena igiya uzwe iqhuma ngemuva kufakazeleke igama abayiteketisa ngalo le “Vrrr Pha”.

Ngaphandle kokwengezwa amandla, kuphinde kwethulwa iR Performance Titanium exhaust oyifaka uma uthanda.

Le exhaust, abayenze ngokubambisana nabakwa-Akrapovic, yengeza umsindo we “Vrrr Pha” idumele phezulu kakhulu kunakuqala, ngendlela ekitazayo.

Njengoba kwenyuswe namandla nje, ukwazi ukufaka amaR Perfomance brakes abamba thaqa.

Emgwaqweni le moto iwumangqasha njengoba inejubane kodwa ngeke ngithi ngiwuzwile umehluko wokwengezwa kuka-15 kW. Mhlawumbe umehluko uzwakala uma uphuma kuleyo enamandla amancane kodwa imizuzwana eziyithathayo ukufika ku-100km/* iyefana.

Njengayo “endala”, iyabambelela emakhoneni futhi isiteringi sithe ukuqinaqina uma uyifake ku-sport. Iyazwela emabhampini ngenxa yokuqina kuka-suspension nokuhamba ngamasondo amakhulu angu-19 inch kodwa kuyabekezeleleka uma uyifake kuComfort.

Izinto efika nazo zihlanganisa amaLED headlights namaLED taillights, izinqawe ezine ezisikwe ngasemaceleni nangemuva, amakhava ezibuko agqize nge-chrome noma nge-carbo nokunye.

Ngaphakathi ifika ne-Active Info Display, panoramic sunroof nokunye okuningi.

Amandla enawo njengamanje asho ukuthi isiyalingana ne-Audi S3 ebanga nayo abathengi kwazise nayo inenjini engu-2.0 TFSI ekhiqiza * -228 kW.

Iyayedlula iMercedes-Benz A35 okuthiwa isendleleni njengoba yona ine-225 kW netorque engu-400Nm.

Inani

2.0 TSI R 228kW DSG

R676 000

R Perfromance brakesR9 900

R Performance Titanium

exhaustR39 900

Ifika neservice plan yeminyaka emihlanu noma * -90 000km, i-warranty yeminyaka emithathu noma * -120 000km ne-anti-corrosion yeminyaka engu-12. Kumele uyisevise ngemuva kokuhamba * -15 000km.