NGESIKHATHI izimbangi zingenisa esigabeni samaSUV amancane neHyundai ayizibekile phansi njengoba yethule eyekhethelo iCreta nayo encintisa kulesi sigaba.

Le Creta yekhethelo kuzotholakala kuphela angu-500 eNingizimu Afrika. Izinhlobo okwakhelwe phezu kwazo ezekhethelo yi-1.6 Executive manual, 1.6 Executive automatic ne-1.6 Executive turbodiesel automatic.

ICreta ifike yazitholela indawo enhliziyweni yabathengi kuleli njengoba kusukela yethulwa ngo-2017, sekudayiswe angaphezulu kuka-11 600. Ngenyanga eyedlule nje, kudayiswe angu-249.

Izinto ezohluka ngayo iLimited Edition wukhakhayi olumnyama bese iba mhlophe emzimbeni, inamarimu ekhethelo angu-17 inch futhi ngaphakathi inombala omnyama nobomvu.

Amakhasimende angakwazi futhi nokuthenga iSD card ukuze ezokwazi uksebenzisa inkombandlela uma engayixhumanga iselula nge-Apple CarPlay okanye i-Android Auto kwi-infotainment system.

Uma uthanda futhi uyakwazi ukufaka i-nudge bar emnyama noma egqize ngechrome kanjalo nasemaceleni esiketini.

Ezinye izinto iCreta enazo zihlanganisa amalambu akhanya kakhulu ngalapho ijikela ngakhona, inezindawo zokubeka iziphuzo ngaphakathi, cruise control, amasensor akusiza uma upaka nekhamera eveza ingemuva, isiteringi esinamabhathini nokunye.

Izinjini zazo zihlukene kathathu. I-1.6 Executive Manual inenjini engu-1.6 litre engenayo i-turbo kaphethroli. Inogearbox oshintshwayo oyi-6 speed. Ifuqa amandla angu-90 kW ne-torque engu-150 Nm. Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha kaphethroli angu-7.9.

I-1.6 Executive Automatic nayo inenjini efanayo kodwa umehluko wukuthi inogearbox oyi-6 speed ozishintshayo futhi bathi isebenzisa amalitha kaphethroli angu-8.4 ngo-100km.

Eyokugcina yi-1.6 Executive Turbodiesel Automatic esebenzisa injini engu-1.6 turbocharged kadizili. Inogearbox oyi-6 speed oshintshwayo. Inamandla angu-94 kW netorque engu-260 Nm kanti bathi ngo-100km isebenzisa amalitha angu-7.4.

Izinto zokuphepha enazo zihlanganisa ama-airbag amabili ngaphambili nasemaceleni kanjalo nama curtain airbag kubagibeli bangemuva. Inama Anti-lock Brake System ne-Electronic Braking Distribution.

Amanani

Creta 1.6 Limited Edition (manual) R372 900

Creta 1.6 Limited Edition (automatic) R397 900

Creta 1.6 Limited Edition Turbodiesel (automatic) R438 900

Ifika newarranty yeminyaka eyisikhombisa noma * -200 000km, iservice plan yeminyaka emihlanu noma * -90 000km neroadside assistance yeminyaka emihlanu noma * -150 000km.