Ford Everest

EMASONTWENI ambalwa edlule kwaFord bagaxe izinjini ezintsha kwiRanger njengoba sebephinde benza okufanayo kwi-Everest.

I-Everest yi-sport utility vehicle (SUV) elayisha abagibeli abayisikhombisa.

Owengamele ezokumaketha kwaFord Motor Company of Southern Africa, uDoreen Mashinini, uthe i-Everest ibafakile esigabeni samaSUV esilokhu siqhubeka nokudlondlobala kuleli nasemhlabeni jikelele.

Uthe banyuse izinga ngokwenza izinguquko ezihehayo ngaphandle, bayithuthukisa ngaphakathi base bengeza nobuchwepheshe.

Ngaphansi kwebhonethi kusazoqhubeka nokuthi kube khona izinjini ezingu-2.2 no-3.2 litre Duratorq TDCI. Ngaphezu kwalokhu kwethulwe ezisanda kufika neRanger okuyi-2.0 Bi-Turbo neSingle Turbo.


I-2.0 Bi-Turbo inamandla angu-157 kW ne-torque engu-500 Nm. Bathi inomsindo omncane kanti uyithola kwi-Everest XLT 4x2 nama-4x4 kanjalo nakwi-Everest Limited.

I-2.0 Single Turbo yona etholakala kwiXLT 4x2 inamandla angu-132 kW netorque engu-420 Nm.

Zombili zino-gearbox oyi-10 speed automatic.

KwaFord bathuthukise nendlela ehamba ngayo ngokushintsha i-suspension. Bathi manje ithule emgwaqweni futhi intofontofo. Konke lokhu akuwaphazamisi amandla ayo okudonsa inqola enesisindo esingu-3 000kg kwi-2.2 TDCi, kwi-3.2 TDCi nakwiSingle Turbo. KwiBi-Turbo udonsa isisindo esigcina ku-3 100kg.

Ngaphandle kwalokhu ezinye izinguquko i-Everest baphinde bayishintshe i-grille. Nakubhampa ngezansi baphinde bayishintsha. Kwi-Everest Limited okuyiyo “i-last number” bayifake amarimu amasha angu-20 inch.

Kuphinde kwafakwa nombala omusha ngaphandle abawubiza ngoDiffused Silver.

Ngaphakathi isafika neSYNC3 neSYNC1 kwiXLS.

Ezokuphepha efika nazo zihlanganisa i-Electronic Stability Control neTraction Control, Trailer Sway Control, Hill Start Assist, Hill Descent Control, Load Adaptive control neRoll Over Mitigation.

KwiLimited kwengezwe i-Adaptive Cruise Control with Forward Collision Alert, Lane Keeping Aid neLane Departure Warning, Blind Spot Information System with cross-traffic alert nokunye.

AMANANI

2.2 TDCi XLS 6AT 4x2 R499 900

2.0 SiT XLT 10AT 4x2 R584 900

2.0 BiT XLT 10AT 4x2 R624 100

3.2 TDCi XLT 6AT 4x4 R644 000

2.0 BiT XLT 10AT 4x4 R687 700

2.0 BiT Limited 10AT 4x4 R761 200

Zonke zifika ne-warranty yeminyaka emine noma * -120 000km, roadside assistance yeminyaka emithathu, corrosion warranty yeminyaka emihlanu neservice plan yeminyaka eyisithupha noma * -90 000km.