UMNUZ Smanga Mabaso ongumhleli womcimbi iMsinga DriftKhana Isithombe: SITHUNYELWE

SELUKHISHIWE usuku lomcimbi waminyaka yonke iMsinga DriftKhana eba seMphelankani eMsinga.

KwiDriftKhana kudlalwa izimoto ezehlukene, zishaye izidudla ziphinde zibekelwe nezinto ezichushiswa kuzo zihamba ngohlangothi zishibilika.

Umhleli womcimbi, okuzoba ngokwesishiyagalombili ukhona kulo nyaka, uSmanga Mabaso, uthe uzoba ngoSepthemba 20 uze uphele ngomhlaka-22.

“Sikhethe ukusheshe silumemezele usuku ukuze abantu bezosheshe bazi. Sesiqalile sihambela izindawo nezifundazwe ezehlukene simema abantu. Siphuma koBloemfontein, eBethal, nakwezinye izindawo. Sisazoya eNewcastle, Port Shepstone size siyoshaya eKapa. Abantu kumele bazi bese benza izinhlelo zokuza kusenesikhathi,” kusho uSmanga.

Uthe ngomhlaka 20 bazobe benepre party yokwamukela izivakashi okuzobe kukhona kuyo osomahlaya. Ngomhlaka 21 wumcimbi omkhulu bese kuthi ngakusasa kube nepicnic.

“Abadlali bezimoto bazobe belinganiselwa ku-30 bemele zonke izifundazwe. Abantu abalindele izinto ezinkulu futhi. Ne-4 Pipe Convoy izobe ikhona. Indikimba ye-picnic ithi Dubai in Msinga ngakho abantu abagqoke sengathi bangabaseDubai,” kusho uSmanga.

Ubuye waveza ukuthi amathikithi kulo nyaka azotholakala eComputicket kusukela ngoJulayi 1. Uthe ngeke aze adayiswe esangweni.

“Okunye engifuna ukukuveza wukuthi indawo yokuhlala izethameli sesiyinwebile, sayifaka nompheme ngoba abantu bebeshiswa yilanga phambilini.

Kulo nyaka babambisene nendawo yobumnandi Eyadini Lounge yaseMlaza.

Imininingwane ephelele ngomcimbi bazoyidalula ngokuhamba kwesikhathi.