IZOKWETHULWA ngokusemthethweni embukisweni wezimoto iGeneva Motor Show, eSwitzerland, ngoLwesibili iToyota Aygo entsha
IZOKWETHULWA ngokusemthethweni embukisweni wezimoto iGeneva Motor Show, eSwitzerland, ngoLwesibili iToyota Aygo entsha.

Lo mncanyana wakwaToyota wenziwe izinguquko ngethemba lokuyenza ihluke kwezinye izimoto ezitholakala esigabeni sezimoto ezincane okuminyene utshumo kuso.

KwaToyota bathi bathuthukise indlela ebukeka ngayo kanjalo nangendlela ehamba ngayo.

Kusukela yethulwa ngo-2014 (ngo-2015 kuleli) ibe yimpumelelo kule nkampani.

Ngaphambili ibukeka sengathiwu-X kanti manje bayishintshe ama-headlights anama-daytime running lights okuyenza igqame uma iqhamuka.

Kukhona nemibala emisha kanjalo namarimu akhiwe kabusha.

Ngaphakathi kushintshwe i-instrument cluster futhi kushintshwe nendwangu yezihlalo.

Njengoba kuyimoto yokuhamba edolobheni, ithuthukisiwe indlela ehamba ngayo futhi iyonga kuphethroli.

Baphinde benza isiqiniseko sokuthi uyancipha umsindo ngaphakathi kanjalo nokungqangqazela uma ihamba emgwaqweni. Noma iduma ingqangqazela kancane.

Ithwalwa ngenjini engu-1 litre eyi three-cylinder. Amandla anyuswe ngo-2 kW njengoba esengu-53 kW netorque engu-93 kW. Le njini ikwazi ukuyisusa ku-0 iye ku-100 km/* ngemizuzwana engu-13.8 kanti ijubane layo lingu-160 km/* .

Ne-suspension nayo ishintshiwe kancane.

Imininingwane ephelele ngayo izodalulwa uma isizodayisa kuleli ngokuqhubeka konyaka.