I X-Class 350d V6 inenjini engu-3 litre six-cylinder, efuqa amandla angu-190 kW ne-torque engu-550 Nm
ININGI labafunda i-maths esikoleni bazongifakazela uma ngithi okwakufike kube nzima wukuthola ukuthi ubani uX.

Ubunzima balesi sibalo baze benza nomculi wekwaito uCharacter ukuthi aqophe ingoma enezinhlamvu ezithi “nguX ongasolveki”.

Kufanele ukuthi kwakuduma i-maths kwaMercedes ngesikhathi bakha iveni iX-Class baze beyiqamba leli gama nje.

Uzokhumbula ukuthi itheleke eNingizimu Afrika ngoMeyi ibhekwe ngabomvu ngoba kwase kukuningi ukukhuluma ngayo.

Ngeledlule kwaMercedes bakhiphe “onzima” uX , iX-Class 350d V6, okuyiyona enamandla emndenini wala maveni.

Lo X kufanele ukuthi ubaphathisa ngekhanda abakhiqiza amaveni bezama ukumsolva ngoba yiwo onamandla ukuwedlula wonke amaveni akhona emakethe kuleli.

I X-Class 350d V6 inenjini engu-3 litre six-cylinder, efuqa amandla angu-190 kW ne-torque engu-550 Nm. Isebenzisa i-gearbox eyi 7G-Tronic Plus automatic transmission.

Ngesikhathi siyivivinya iningi lozakwethu belilokhu lilibale njalo igama le-Amarok enenjini engu-3.0-litre V6 TDI enamandla angu-165 kW ne-torque engu-550 Nm. I-Amarok ngenye yezimbangi zeX-Class kodwa ngebhadi angikaze ngilithole ithuba lokuyishayela ngakho ngeke ngikwazi ukuqhathanisa.

Uma sibuyela kwiX-Class, okokuqala engikuzwile kuyo uma isuka wukuthi izwakala isinda. Iyasukuma yona, okwenza ukholwe ukuthi isuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-7.9, njengoba besho. Uma umgwaqo usuvulekile isuke isikhululekile futhi amandla ayo isuke isiwaveza ukuthi inenjini enkulu. Bheka ngoba ijubane elikhulu ngu-205 km/h.

Enye yezinto iX-Class egabe ngazo wukuba ntofontofo emgwaqweni. Uze ukhohlwe wukuthi uhamba ngeveni futhi emakhoneni iyabambelela kwazise idonsa ngawo womane amasondo.

Umshayeli uzikhethela yena ukuthi ufuna ihambe kanjani kwiDynamic Select. Lapho ukhetha phakathi kweComfort, Eco, Sport, Manual ne-Off Road.

Ukudonsa kwayo ngawo wonke amasondo kwenza kube lula ngisho uyifaka obhuqwini. Uma isixakeka uyikhetha wena ngokuyifaka ku-4H noma ku-4L uma kunzima kakhulu. Okuyilekelela ingabi nankinga kangako wukuthi umhlaba iwushiye ngo-222 mm okuyenza ikwazi ukuhamba nasemanzini afinyelela ku-600 mm.

IX-Class 350d iyafana neX-Class ethulwe ngasekuqaleni konyaka indlela ebukeka ngayo. Ihlukene ngezinhlobo ezimbili okuyiProgressive nePower.

IProgressive ifika namarimu angu-17 inch, ama air vents anombala osiliva, infotainment system Audio 20 nezipikha eziyisishiyagalombili.

IPower yona igqize nge-chrome kubhampa ngemuva nangaphambili, amarimu angu-18 inch, LED High Performance headlamps, izihlalo zesikhumba ne-infotainment system Audio 20 ene multifunctional touchpad.

Ingabe u-X uzosolveka? KwaMercedes balinyuse kakhulu izinga lamaveni futhi le moto iseqophelweni eliphezulu. Ihamba kamnandi, yinhle futhi ngeke ikulalise ezintabeni.

Inani yilo elingase lenze kungabi nzima ukuwusolva kunalokho abantu babheke kuma-Amarok neFord Ranger Raptor (enenjini engu-2.0-liter Bi-Turbo diesel enamandla angu-157 kW ne-torque engu-500 Nm) uma isitheleka ngonyaka ozayo.

Uma ujimile kodwa ngabe awenzi iphutha ngokuthenga iX-Class.

AMANANI

Progressive R904 188

Power R973 188