IBMW 3 Series yesizukulwane sesikhombisa izofika eNingizimu Afrika ekuqaleni konyaka ozayo kodwa usungakwazi ukuzikhethela eyakho kwi-website yakwaBMW.

Ezizokwethulwa zisuka nje yi-320d kadizili eqala kuR649 253 nekaphethroli i-330i ongayithola ngemali eqala kuR652 415.

I-320i neM340i xDrive zizofika ngasekupheleni konyaka futhi iBMW SA ithe akukho okusaqinisekisiwe “ngeyingane” kuma-3 Series i-318i.

I-330i inenjini ethuthukisiwe i-2. litre turbopetrol enamandla angu-190 kW netorque engu-400 Nm. Lokhu kusho ukuthi yandiswe amandla ngo-5 kW no-50Nm uma uyiqhathanisa nendala futhi kuthiwa isuka ku-0 iye ku-100km/* ngemizuzwana engu-5.8.

I-320d 2-litre turbodiesel yona inamandla angu-140 kW netorque engu-400Nm.

Kuthiwa le moto ifika namarimu angu-17 inch, isiteringi sesikhumba, Live Cockpit Plus nesatnav kanjalo neConnected Drive, cruise control nebrake function, automatic climate control ne-park distance control ngaphambili nangemuva.

Ziningi izinto ongazifakela zona ezibizayo ezihlanganisa amaBMW Laser Lights (R15 000), Gesture Control (R3 650), BMW Live Cockpit Professional (R24 000), Head-up Display (R17 000), Active Cruise Control with Stop & Go (R17 000), Driving Assistant Professional (R34 500) ne-Adaptive M Suspension (R15 400). I-M Sport styling package sibiza uR45 400.

Isisindo sayo sehliswe ngo-55 kg uma uyiqhathanisa nendala yize ikhulile ngokosayizi. Ubude bunyuke ngo-85mm, u-41mm waya kwi wheelbase, ububanzi banyuka ngo-16mm kwathi ubude banyuka ngo-1mm.