KUDAYISWE amaToyota Hilux angu-2 679 eNingizimu Afrika ngenyanga eyedlule
ISIBALO sokuthengwa kwezimoto ngenyanga eyedlule sinyukile uma kuqhathaniswa no-Ephreli wonyaka odlule.

Lokhu kuvezwe yiNaamsa yathi isibalo singanyuka ngezimoto ezilinganiselwa ku-350 uma izibalo zakwaFiat Chrysler Automobiles South Africa ezibambezelekile sezidedelwa maphakathi nenyanga.

Isibalo sezimoto ezidayisiwe sibe ngu-36 346 nokuwukunyuka ngo-1 260 noma u-3.6% uma kuqhathaniswa nezingu-35 086 zangesikhathi esifanayo nyakenye.

Isibalo sezithunyelwa ngaphandle sona sibe ngu-24 422 nokusho ukuthi sikhuphuke ngo-193 noma u-0.8% uma kuqhathaniswa no-Ephreli wonyaka odlule khona okwadayiswa ezingu-24 229.

Kuzona zonke izimoto ezingu-36 346 ezidayisiwe, ezilinganiselwa ku-31 476 kuzo noma u-86.6% zithengwe emagaraji, ezilinganiselwa ku-7.0% zithengwe yizinkampani eziqashisa ngezimoto, u-5.1% kwaba ngowezinkampani kuthi u-1.3% wathengwa nguhulumeni.

Izimoot ezintsha ezidayisiwe zibe ngu-23 928 nokube wukunyuka ngo-1 438 noma u-6.4% uma kuqhathaniswa no-22 490 ngo-Ephreli wonyaka odlule.

Ukthengwa kwamaveni namatekisi khona kwehle ngo-127 njengoba kudayiswe 10 580 kanti ngesikhathi esifanayo nyakenye kwakuthengwe-10 707.

Izinkampani ezidayise kakhulu yiToyota (8 213), Volkswagen (6 261), Ford (3 570), Nissan (3 403), Hyundai (2 633), Renault (1 611), BMW (1 393), Mercedes-Benz (1 385), Isuzu (1 310) neKia (1 304).