I-SUV entsha yakwaLexus, i-UX,

UMA ulandela le ngosi uzokhumbula ukuthi ngesonto eledlule sikuthe nqampu mayelana neSUV entsha yakwaLexus, i-UX, sathembisa ukuthi umbiko uzowuthola namhlanje.

Sizofeza leso sethembiso-ke njengoba sizokuthatha sikubeke ngemuva kokwethula kwayo eKapa ekupheleni kwesonto eledlule.

Ngesikhathi yethulwa besigudla edolobheni saze sayothi ukuhlaba ikhefu eCamps Bay. Ngaleso sikhathi besizishayele izikhindi nophaqa silokhu sincela * -ice cream kwazise nelanga beliphumile. Uhambo lwethu luze lwaphela eWaterfront selithambeme.

Lokhu kuvele kwangicacela ukuthi le yimoto yasedolobheni futhi uma ufuna ukuphuma uzishayelwe wumoya ikahle kakhulu.

Igama layo bathi liphume ngokuhlanganisa u-Urban noX-over (crossover) kwase kuphuma u-UX.

KwaLexus bathi ngeyegenge esencane eneminyaka ephakathi kuka-25 kuya ku-38. Angithi impilo bathi iqala ku-40, laba abanale minyaka basuke besazithandela “ukushaya impilo”.

Le SUV encane izobangisana nezimoto okubalwa kuzo iBMW X1, Mercedes-Benz GLA, Jaguar E-Pace, Volvo XC40 ne-Audi Q3.


Igqame kakhulu nge-spindle grille ngaphambili ecishe ifane nakwezinye izimoto zakwabo. Amalambu mancane base bewafaka amaDaytime Running Lights amise okukaL. Ngemuva amalambu ahlangene. Indlela akheke ngayo bathi abuye alekelele ukulawula umoya ukuze izonamathela emgwaqweni.

Emaceleni “inesiketi” esimnyama esiyivikelayo futhi okuhle ukuthi uma uvula isicabha naso sihamba naso ukuze ungangcoli.

Sekushoda sona istamkoko, ngingasho esendle kodwa sengisho i-sunroof phela ukuze ushaywe umoya.

Amarimu angu-18 inch. Le moto itholakala ngemibala engu-13. Emibili kuyo ngomhlophe uWhite Nova noluhlaza okwesibhakabhaka oHeat Blue utholakala kuphela kwiF Sport.

Ungaze udideke, iF Sport ngenye inhlobo ye-UX njengoba kukhona i-UX 200 ne-UX 250h.

I-F Sport itholakala kwi-200. Inamarimu angu-18 inch, i-grille eyehlukile, ubhampa owehlukile kuma-fog lamps njengoba une-chrome emise okukaL. Ngaphakathi inezihlalo ezingama-sport seats, isiteringi esigoqwe ngesikhumba negiya, ama-pedals e-aluminium ne-eight-inch TFT colour display.

Yehluke kwi-suspension njengoba ine-Adaptive Variable Suspension (AVS) eyaqala ukutholakala kwiLexus LC neLS.

Uma siqhubeka ne-UX, ngaphakathi bayakhe kusetshenziswa izinto eziseqophelweni eliphezulu. Iqinile kodwa ithambile uma uthinta. Uma uhleli esihlalweni somshayeli wonke amabhathini abalulekile abheke ngakuwe.

Isihlalo usihlela ngogesi kwiF Sport neHybrid kanti zintofontofo. Isiteringi sincanyana kahle kodwa siqumbile esandleni bese siba namabhathini okulawula umsakazo, ukuthola imininingwane ngemoto kwi-instrument cluster (engu-7 inch kodwa engu-8 inch kwiF Sport), ukuhlela i-cruise control nokunye. Ngaphakathi ungayenza ibe wumbala owuthandayo kwemihlanu enayo.

Phakathi nendawo kwi-dashboard kune-screen esingu-7 inch noma * -10.25 inch kwiF Sport okuyilapho kuvela khona inkombandlela nomsakazo. Ngezansi ngasegiyeni kune-touchpad lapho ulawula khona okuvela kulesi screen. Kuthi ngemuva ngasendaweni yokuphumuza ingalo kube nezinkinobho zokunyusa umsindo noma ukudlulisa ingoma.

Sisakhuluma ngomsindo, izipikha ziyisishiyagalombili kodwa kukhona nezinye ezigqomayo zeMark Levinson Premium Surround Sound System ezitholakala kwiF Sport.

Kubagibeli bangemuva kunezindawo ezimbili zokufaka ishaja eyi-USB.

Ezinye izinto enazo zihlanganisa amalambu eLED ngaphakathi, ibhuthi evuleka ngokunyakazisa unyawo ngaphansi uma uphethe ukhiye nokunye.

Izinjini namandla

I-UX 200 isebenzisa injini entsha engu-2.0 litre inline four-cylinder engine. Inamandla angu-126kW ne-torque engu-205Nm. Isebenzisa i-gearbox ezishintshayo eyiDirect Shift-Continuously Variable Transmission (D-CVT). Ukusuka ku-0 iye ku-100 km/* kuyithatha imizuzwana engu-9.2 kanti ijubane elikhulu ngu-190 km/* . Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha kaphethroli angu-6.1.

I-UX 250h yona isebenzisa ibhethri nogesi njengoba iyi-hybrid nje. Inenjini engu-2.0 nebhethri, okwenza ibe namandla angu-135kW. Bathi uma uhamba ezindaweni ezehlelayo ngejubane elifinyelela ku-115km/* , injini kaphethroli iyacisha kusebenze ekagesi ukuze yonge.

Bheka ngoba bathi ngebanga lika-100km isebenzisa amalitha angu-4.5. Ngasejubaneni igcina ku-177 km/* kanti ukusuka ku-0 iye ku-100 km/* bathi kuyithatha imizuzwana engu-8.5.

Uyayikhetha ukuthi ihambe kanjani emgwaqweni ngeLexus Drive Mode Select. KwiF Sport kukhona uSport+.

Ezokuphepha nobuchwepheshe

Ifika nobuchwepheshe obuningi nezokuphepha. Phakathi kwezinto enazo zihlanganisa ama-airbag ayisishiyagalombili kanti kwiF Sport neHybrid kukhona i-Adaptive Cruise Control eyenza ukuthi ihambe ngebanga olibekile futhi izinciphise ijubane uma kunesidingo, Pre-Crash System, Blind Spot Monitor esiza ukuthi ikhanye esibukweni uma kukhona imoto eseceleni neLane Keep Assist with Lane Departure Alert with Steering Assist esiza ukuthi isho uma imoto iphuma emzileni futhi ibuyele emzileni.

KwaLexus bathi babheke ekudayiseni lezi zimoto zibe ngu-20 kuya ku-30 ngenyanga. Iyimoto ekahle impela kodwa kuzomele bagculise abantu ukuthi bayeke ezikhiqizwa yizimbang babheke ezabo. Ngikholwa wukuthi lokhu bangakufeza nangaphezulu ukube kuthiwa amagaraji akwaLexus awuchithi-saka njengawakwaToyota okanye kunekhosomba lakwaLexus emagaraii akwaToyota njengoba bewumndeni munye.

Amanani

Lexus UX R599 000

Lexus UX 250h R699 000

Lexus UX F SportR726 200Ifika ne warranty nemaintenance plan kweminyaka eyisikhombisa noma u-105 000km.