I-ToyotaGR Supra entsha.

KUFANELE ukuthi zehla njengoju kubathandi bezimoto ezingama-sports car izindaba zokuthi izotheleka maphakathi nonyaka eNingizimu Afrika iToyotaGR Supra entsha.

Le moto, eyakhiwa eGraz, e-Austria, isingeyesizukulwane sesihlanu. Ingeyokuqala eyiGR ukwakhiwa yithimba leToyota GAZOO Racing.

IGT Supra yakhelwe phezu kwesisekelo samaSupra ezizukulwane ezedlule.

Kulabo abazifela ngezimoto, zizobajabulisa izindaba zokuthi inenjini engu-3.0 litre in-line six-cylinder efuqa amandla angu-250 kW netorque engu-500 Nm. Bayigaxe nogearbox oyi eight-speed automatic transmission futhi umshayeli uyakwazi ukuzishintshela ngokusebenzisa ama-paddle shift ngemuva kwesiteringi. Uyazikhethela indlela ofuna ihambe ngayo ngokuyifaka kuNormal noma uSport.

Kukhona iLaunch Control eyenza ukuthi isukise okwenhlamvu kanti bathi kuyithatha imizuzwana engu-4.3 ukusuka ku-0 iye ku-100km/* .

UMengameli wakwaToyota, u-Aiko Toyoda, uthe yize bebengenazo izinhlelo zokwenza iSupra entsha kodwa yena nabanye abazifela ngayo ubefisa ngasese ukuthi kwenzeke.

Ngaphandle le moto incanyana bese iba nobhonethi omude. Ingaphambili bathe lisuselwe kakhulu kwiSupra endala kodwa base beyishintsha ukuze ibukeke kangcono futhi bagqamisa i grille enama air intakes amakhulu ukuze kuzongena umoya wokupholisa injini. Iwheelbase yayo imfishane kuneyemoto yakwabo i-86 futhi amasondo athe ukuba makhudlwana.

Ngemuva ishaya nge-spoiler, ubhampa o-trapezoidal bese iba nezinqawe ezimbili.

Ngaphakathi yonke into ibhekene nomshayeli ukuze ezogxila ekushayeleni.

Udashboard bawenze watha ukuba phansi ukuze umshayeli ezobona kahle kwi-windscreen bese eyikhomba kahle lapho eya khona noma esejubaneni.

Izihlalo bathi zintofontofo futhi ziyakubamba ukuze ungalokhu unyakaza.

Wonke amabhathini bawenze aba seduzane. Ibhuthi bathi linesikhala esanele sezimpahla zabantu ababili futhi isikhala siyakwazi ukwanda ngokuvula ngemuva.

Ezinye izinto enazo zihlanganisa i-active differential adaptive variable suspension,19 inch alloy wheels nokunye okuningi okuthinta ezokuphepha.

Kwezokuphepha