iRAV4 entsha
UMA ungaqala uqaphelisise lapho uhamba khona uzothuka uzithela phezu kweToyota RAV4 emgwaqeni.

Phela le moto iqalile ukudayisa eNingizimu Afrika ngesonto eledlule.

Ngesikhathi sengisendleleni ebuya eRichards Bay lapho ibiyethulwa khona ngesonto eledlule, ngizithele phezu kweloli liyithwele.

Kukhona negaraji engiyibone kulo isidayisa futhi ikhona emhlophe esengiyibonile emgwaqeni.

Awudingi kunokuqhweba oseceleni ukuthi akutshele ukuthi yintsha yini ngoba yehlukile. Isho ngengaphambili elinegrille enkulu. Akunkulu igrille yodwa kodwa nayo uqobo imoto inkulu.

Bheka ngoba ngokwezinombolo ububanzi bunyuke ngo-10mm okuyenza ibe ngu-1 855mm.

Le moto okungeyesizukulwane sesihlanu kusukela ngo-1994, yakhiwe kusetshenziswa uhlelo olubizwa ngeToyota New Global Architecture (TNGA).

Ngaphakathi futhi ivulekile yize ubude buncishiswe ngo-5mm yaba ngu-4 600mm. Lokhu kungenxa yokuthi iwheelbase yandiswe ngo-300mm yaba ngu-2 690mm.

Abagibeli bahlala ngokukhululeka futhi isiikhala sempahla ebhuthini sikhulu njengoba singu-580 litres.

Lesi sikhala sikhuliswe ngu-79 litres uma uqhathanisa nendala. Uma ufuna sithi xaxa uyakwazi ukulalisa izihlalo.

Ihlukene ngezinhlobo

IRAV4 entsha bathi yakhelwe wonke umuntu ngoba ihlukene ngezinhlobo ezintathu okuyiGX, GX-R neVX.

IGX ifika namarimu angu-17 inch, roof rails, amalambu eLED, idunyiswa ngebhathini, i-screen esingu-7 inch lapho udlala khona umsakazo, cruise control, ikhamera eveza ingemuva futhi inamasensor ngemuva.

IGX-R yona bathi yakhelwe labo abanokuhamba obhuqwini. Igrille inkulu kanjalo ne-skidplate futhi inamakhava amnyama kumafenda.

Inezihlalo zesikhumba futhi zihlelwa ngogesi, izihlalo ziyakwazi ukushisam isiteringi sesikumba, isibuko ngaphakathi siyadima ukuze ungaxhopheki, ama-wiper ayazishaya uma lina, ishaja iselula ngaphandle kokuxhuma intambo futhi inamarimu angu-18 inch.

Okuyiyona engumakhonya iVX inamarimu angu-19 inch, iyabika uma kukhona imoto eceleni kwakho, isicabha sangemuva sivuleka ngogesi, iveza umzimba wonke ukuze ungashayisi, cruise control nokunye.

IZINJINI NAMANDLA

IRAV4 ifika nezinjini ezimbili zikaphethroli okuyi-2.0 nenye engu-2.5 litre. Engu-2.0 litre inamandla angu-127 kW netorque engu-203 Nm.

Bathi ngebanga lika-100 km idla amalitha kaphethroli aphakathi kuka-6.5 no-6.8.

Engu-2.5 litreyona inamandla angu-152 kW netorque engu-243 Nm. Ngebanga lika-100km bathi iphuza amalitha kaphethroli angu-7.1.

Ngaku-gearbox kukha oyi-6 speed oshintshwayo, ozishintshayo oyiContinuosly Variable Transmission (CVT) nomunye ozishintshayo oyi-8 speed automatic transmission.

Kuya ngenhlobo yakho kodwa kukhona edonsa ngamasondo amabili kuthi enye idonse ngawo wonke.

Ngesikhathi ithulwa ngiqale ngokushayela iGX-R engu-2.0 CVT futhi edonsa ngawo wonke amasondo ngabe sengilandelisa ngeVX engu-2.5 litre automatic nayo edonsa ngamasondo amane.

Engikuqaphelile kuzo zombili ukuthi ngaphakathi zithule ngaphandle komsindo wamasondo.

Emgwaqeni zintofontofo kanjalo nasobhuqwini ebesihamba kulo phakathi kwaseMkhuze nakwaHlabisa.

Uma ungena obhuqwini ukhetha enkinobheni usho umgwaqo ohamba kuwo. Ukhetha phakathi kukaMud & Sand noma uRock & Dirt.

Uma uzihambela kahle iCVT ishintsha kahle amagiya kodwa uma unyathela ngamandle ivele indode.

Umehluko uyawizwa kwi-2.5 8 speed automatic ngoba yona ishintsha ngokushesha amagiya futhi amandla athe xaxa.

Sicishe saziqhatha nabakwaSidlodlo sesibuya ngoN2 sidlula eMtubatuba sibheke eRichards Bay lapho uhambo lwethu obeluqale khona.

EZOKUPHEPHA

Ngakwezokuphepha le moto ifika nama-airbag ahlanganisa eyasedolweni kanjalo nama-curtain airbag, ABS, EBD, Brake Assist, Vehicle Stabilty Control, Hill Assist Control neTrailer Sway Control.

I-VX yona ifika ne-Adaptive Cruise Control eyenza ukuthi izinciphisele ijubane uma kunemoto phambi kwayo iphinde inyuse, iyabika uma isiphuma emzileni, iyasho uma kunemoto eduze kwayo.

IRAV4 iyimoto ephelele yomndeni nezotatazelisa izimbangi okubalwa kuzo iMazda CX5, VW Tiguan, Hyundai Tucson nezinye.

Okuzoheha abathengi ukuthi kukhona izinhlobo ezahlukene abakhetha kuzo ukuze bathole ehambisana nezidingo zabo

Amanani

RAV4 2.0 GX MT 2WD - R 416 400

RAV4 2.0 GX CVT 2WD - R 427 600

RAV4 2.0 GX-R CVT AWD - R508 100

RAV4 2.0 VX CVT 2WD - R505 400

RAV4 2.5 VX 8AT AWD - R577 900

Ifika neservice plan ka-90 000km noma amasevisi ayisithupha kanjalo ne warranty yeminyaka emithathu noma * -100 000km.