IMAHINDRA XUV300 yiSUV encane ezobanga abathengi namanye anjengeFord EcoSport, Duster neHyundai Creta
IMAHINDRA XUV300 yiSUV encane ezobanga abathengi namanye anjengeFord EcoSport, Duster neHyundai Creta
IMAHINDRA XUV300 yiSUV encane ezobanga abathengi namanye anjengeFord EcoSport, Duster neHyundai Creta
IMAHINDRA XUV300 yiSUV encane ezobanga abathengi namanye anjengeFord EcoSport, Duster neHyundai Creta
IMAHINDRA ibonakala ihambisana nesiqubulo sayo esithi Mahindra Rise ongasihumusha ngokuthi “phakama Mahindra” njengoba belokhu bequbuka.

Kusukela itheleka eNingizimu Afrika ngo-2004 sebedayise izimoto ezilinganiselwa ku-55 000.

Kunjalo nje ngonyaka odlule bavule imboni yokukhiqiza izimoto eDube Tradeport eduze nesikhumulo sezindiza iKing Shaka International Airport.

Imoto yabo entsha iXUV300 ibonakala ingeke ibashonise phansi kunalokho, uma imakethwe kahle, izoqhubeka nokubenyusa.

Empeleni baveze ukuthi yethulwa nje, sekuvele kunabantu abangaphezulu kuka-400 asebefake izicelo zokuyibona eduze.

Akuthusi ukubona izinkampani zilokhu ziqhubeke njalo nokwethula amaSUV kwazise yisona sigaba esiyinyama kubathengi emhlabeni jikelele.

IXUV300 yiSUV encane ezobanga abathengi namanye njengeFord EcoSport, Duster neHyundai Creta.

Likhulu ithemba kwaMahindra ngokuthi izoheha amakhasimende emagaraji abo.

Ngobuhle iyabukeka. Ishaya ngama-daytime running lights ne-grille egqize nge-chrome. Amasondo ayo anamarimu angu-17 inch bese kuthi okhakhayini ibe nama-roof rails.

Ngaphakathi ivulekile kodwa isikhala sebhuthi sincanyana singu-249 litres kodwa uyakwazi ukulalisa izihlalo ukuze sande.

Okufike kugqame kwiW8 wukuthi inengaphakathi eli-cream nezihlalo zesikhumba. Kubukeka kahle kodwa inkinga wukuthi kubonakala kungcola kalula.

Isiteringi sinamabhathini okubamba iselula, ukunyusa umsindo ne-cruise control.

Isiteringi uyasihlela ukuthi sizwakale kanjani ngokuthi sithambe noma siqine.

Kwi-dashboard kune-screen esingu-17.78cm full colour infotainment. Kuvela inkombandlela, udlala umsakazo uxhume iselula nge-Apple CarPlay ne-Android Auto.

Ezinye izinto enazo zihlanganisa amawindi kagesi, izimbobo ezimbili zokufaka i-USB, sunroof, ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla nama-wiper azishayayo uma lina futhi idunyiswa ngebhathini.

Izinjini namandla

I-XUV300 ifika nezinjini ezimbili okuyi-1.2 turbo-petrol enamandla angu-81kW netorque engu-200 Nm.

Enye yi-1.5 litre turbo-diesel enamandla angu-85.8 kW netorque engu-300 Nm.

Zombili zisebenzisa u-gearbox oyi six-speed manual futhi zidonsa ngamasondo angaphambili.

Ngesikhathi yethulwa bekukhona ekadizili. Uzakwethu ebengihamba naye ubeyishova emakhoneni engayincengi eFranschhoek Pass, eWestern Cape futhi ibibambelele.

Amandla ayo ayithwala ngale kwenkinga kodwa uma ufuna ukudlula enye imoto ngokushesha kumele wehlise igiya. Ngaphakathi ayinamsindo otheni.

Emigwaqweni intofontofo nokuyenza iziphonsele ngempela inselelo izimbangi. Ezokuphepha enazo zihlanganisa ama-sensor ngemuva nangaphambili asiza uma upaka, ABS brakes, indawo yokufaka isihlalo sengane, ama-airbag ayisikhombisa kwiW8, electronic stability programme ne-hill hold assistance.

Amanani

XUV300 W6 1.2 Petrol:

R249 999 (Incl. VAT)

XUV300 W6 1.5 Diesel:

R274 999 (Incl. VAT)

XUV300 W8 1.2 Petrol:

R304 999 (Incl. VAT)

XUV300 W8 1.5 Diesel:

R324 999 (Incl. VAT)

Iphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu noma * -150 000km, service plan yeminyaka emihlanu noma * -90 000km neRoadside Assistance.