Opel Corsa GSi

SEKUBALWA izinsuku ngaphambi kokuthi iqale ukudayisa emagaraji i-Opel Corsa GSi entsha.

Empeleni sekukhona asefikile ngomkhumbi eNingizimu Afrika futhi izoqala ukudayisa ngenyanga ezayo.

Le moto enezicabha ezintathu ishaya ngama-air intakes amakhulu, honeycomb grille enkulu bese igqama nangespoiler ngemuva.

Uma uyibuka ngohlangothi uqaphela amasondo anamarimu angu-18 inch nama-red calipers.

Ngaphakathi ifika nezinto ezihlanganisa izihlalo zesikhumba ezingamaRecaro performance zangaphambili, sport steering, aluminium sport pedal nokunye.

Ngaphansi kwebhonethi kufakwe injini engu-1.4 litre turbocharged enamandla angu-110kW kanti isebenzisa ugearbox oyi-6 speed oshintshwayo.

Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha kaphethroli aphakathi kuka-6.0 no-6.4.

Inani

Opel Corsa GSiR365 900