ISIKHULU sakwaVolvo Car Group uHåkan Samuelsson esemcimbini i-European Car of the Year lapho kunqobe khona imoto yabo iXC40
IQOKWE njengemoto yanonyaka i-2019 European Car of the Year iSUV encane entsha yakwaVolvo, iXC40.

UMengameli wakwaVolvo Cars, uHåkan Samuelsson, uthe lo mklomelo uze ngesikhathi esikahle.

“IVolvo manje inezimoto ezintathu ezingamaSUV emhlabeni jikelele nokungokokuqala. I-XC40 izoba nomthelela omuhle ekukhuleni futhi isifake esigabeni samaSUV emancane esisha nesikhula ngokushesha.”

Ukunqoba kweXC40 kusho ukuthi wonke amaSUV akule nkampani aseke aqokwa njengemoto yonyaka e-Europe noma eNorth America. I-XC90 neXC60 zidle umklomelo weNorth American Truck/Utility of the Year eminyakeni emibili eyedlule.

I-XC40 kulindeleke ukuthi yethulwe eNingizimu Afrika ngenyanga eyezayo.

Isikhulu sakwaVolvo kuleli uGreg Maruszewski uthe iyimoto ekahle emakethe yakuleli futhi bakubheke ngabomvu ukuyethula ngo-Ephreli. Ikhombisa ukwamukelwa kahle emhlabeni njengoba kunama-oda ayo alinganiselwa ku-20 000 e-Europe nase-USA. Maduze nje izofakwa naseChina, okuyimakethe enkulu yezezimoto.

I-XC40 ifika nenqwaba yobuchwepheshe obuhlanganisa iVolvo Cars’ Pilot Assist System, City Safety, Run-off Road protection and mitigation, Cross Traffic alert with brake support ne-360° Camera esiza umshayeli ezikhaleni ezincane.

Le nkampani yamemezela ukuthi kusukela ngonyaka ozayo, izimoto ezozethula kuzoba nezihamba ngogesi. Ne-XC40 kagesi izotholakala ngokuhamba kwesikhathi.