Mazda CX-5
UYANDISWA umndeni weMazda CX-5 njengoba kwethulwe izinhlobo ezimbili ezintsha nokusho ukuthi seziyisishiyagalolunye ezisemakethe yakuleli.

IMazda CX-5 ingenye yezimoto zakwaMadza SA ezidayisa kahle kuleli. Bheka ngoba ngoMashi kuthengwe angu-378 nokuyenze yaba yiyona moto ethengwe kakhulu kule nkampani.

Izinhlobo ezethuliwe ngedonsa ngamasondo angaphambili futhi engumshini ozishintshayo iCX-5 Individual 2.0L Front Wheel Derive Automatic. Ifika nobuchwepheshe obuningi okubalwa kubo isihlalo somshayeli esihlelwa ngogesi, isipikha ezingu-10 zeBOSE, ama-sensor okupaka ngaphambili nangemuva, Heads-up Display evela kwi-windscreen, Satelite navigation kanjalo nesicabha sebhuthi sivulwa ngebhathini.

Kufike ne-2.5L Individual Automatic edonsa ngawo wonke amasondo i-All-Wheel Drive (AWD) enokhakhayi oluvuleka ngogesi. Izinto efika nazo zihlanganisa iLane Departure Warning System (LDWS), Smart City Brake Support (SCBS), Lane Keep Assist (LKA), Lane Departure Warning (LDW), Driver Attention Alert (DAA), Adaptive LED headlamps neBlind Spot Monitoring (BSM).

Izinhlobo zimi kanje:

Mazda CC-5 2.0L Active FWD Manual ne-2.0L Active FWD Auto zifika nenjini enamandla angu-121 kW netorque engu-213 Nm.

Ziphuma namalambu angaphambili eLED, ama-fog lamps ngaphambili, amalambu ayazikhanyisa uma kumnyama, 17 Alloy wheels, dual zone air-conditioner, 7 inch display-MDZ connect system, Bluetooth, Radio/CD/Aux/USB, Cruise control, Hill Launch Assist, idunyiswa ngebhathini, izipikha eziyisithupha, inamabhathini esiteringini, ama-wiper ayazishaya uma lina, ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla nokunye.

Madza CX-5 2.0L Dynamic FWD Manual ne-2.0L Dynamic FWD Automatic ezifika ne Smart advance keyless entrey, 19” alloy wheel, ihlalo zesikhumba, isihlalo somshayeli esihlelwa ngogesi, nezibuko ezivalwa ngogesi.

Kukhona neMazda CX-5 2.0L Individual FWD Automatic.

Enye yiMazda CX-5 2.2L DE Auctive Auto FWD enamandla angu-140 kW netorque engu-450 Nm. I2.5 L Individual AWD Automatic enamandla angu-143 kW netorque engu-258 Nm.

Eyokugcina yi-2.2L DE Akera AWD Auto enamandla angu-140 kW netorque engu-450 Nm edonsa ngawo wonke amasondo.

Mazda CX-5 2.0L Active FWD Manual - R386,600 (Incl VAT)

2.0L Active FWD Auto - R398,600 (Incl VAT)

Mazda CX-5 2.0L Dynamic FWD Manual - R412,000 (Incl VAT)

2.0L Dynamic FWD Automatic - R424,000 (Incl VAT)

Mazda CX-5 2.0L Individual FWD Automatic - R480,700 (Incl VAT)

Mazda CX-5 2.2L DE Active Auto FWD - R469,700 (Incl VAT)

Mazda CX-5 2.5L Individual AWD Automatic - R543,800 (Incl VAT)

Mazda CX-5 2.2L DE Akera AWD Auto - R571,300 (Incl VAT)

Ziphuma ne-service plan yeminyaka emithathu futhi engakalwe banga, warranty yeminyaka emithathu, roadiside assistance yeminyaka emithathu neCorrosion Warranty yeminyaka emihlanu.