Mercedes X-Class
KWA-MERCEDES-Benz bahlela ukuqeda ngeveni labo iX-Class, ngokombiko we-Automotive News Europe, ecaphune imithombo engadalulwanga.

Lokhu akuthusi ngenxa yemibiko yaphambilini yokuthi maningi amathuba okuthi buphele ubudlelwano beMercedes-Benz neRenault-Nissan Alliance njengoba le moto yakhelwe phezu kweNavara.

Imibiko yakamuva ithi ukungadayisi kahle kwale moto yikhona okwenza ukuthi iMercedes ihoxise iX-Class.

Ngokwe-Automotive News Europe, kudayise amaX-Class angu-16 700 e-Europe, eNingizimu Afrika nase-Australia ngo-2018, nokuyisibalo esincane kunebesilindelekile.

IMercedes X-Class idayisa kuphela i-double cab. Kuleli yethulwa ngoMeyi wonyaka odlule yaba yiveni elibiza kakhulu njengoba intengo yayo iphakathi kukaR642 103 kuya kuR973 188.

Itholakala ngezinhlobo ezimbili zezinjini okuyi-2.3 litre kadizili yakwaNissan neyakwaMercedes eyiV6 kadizili.

Kuhlukene imibono kubantu njengoba abanye bethi ngaphakathi iseqophelweni eliphezulu kodwa ibiza kakhulu.

Imithombo ayishongo ukuthi kuzoqedwa nini ngayo.