Range Rover Evoque

IZA nenqwaba yezinguquko iRange Rover Evoque entsha okulindeleke ukuthi yethulwe ngokusemthethweni eNingizimu Afrika ngonyaka ozayo.

Yaqala ukwethulwa ngo-2010. Kusukela lapho sekudayiswe ezingaphezu kuka-772 096 yawola nenqwaba yemiklomelo.

Indlela ebukeka ngayo ngaphandle isuselwe kakhulu kweyelamayo iRange Rover Velar. Inamasondo anamarimu angu-21 inch.

Ngaphakathi bathi intofontofo futhi inobuchwepheshe obuhlanganisa itouchscreen, Touch Pro Duo system.

Bathi futhi isikhala ngaphakathi sesandile kwazise bayinyuse i wheelbase okwenza isikhala ngemuva sande ngo-20mm emadolweni kubagibeli.

Nasebhuthini isikhala sandile njengoba sesingu-591 litres futhi sanda sifike ku-1 383 litres uma ulalise izihlalo zangemuva.

Kwi-website kuvela izinhlobo zezinjini ezimbili okuyi- 2-litre turbocharged Ingenium kadizili enamandla angu-132kW nenamandla angu-183kW kaphethroli.

Ine-All-Wheel Drive neClearSight rear-view mirror esize ukuthi uma usithekile ikuvezele konke ngemuva kwi-screen.

Imininingwane ephelele ngale moto izoba khona uma isifika ekuqaleni konyaka.