LAND CRUISER 200
IMOTO: TOYOTA LAND CRUISER 200

KWENZIWE izinguquko ezincane kwingqovungqovu yeSport Utility Vehicle yakwaToyota, iLand Cruiser 200, ngenhloso yokuthi iqhubeke nokuthakaselwa ngamakhasimende.

Le moto isafika ngezinhlobo ezimbili okuyiGX-R phambilini ebiyaziwa ngeGX kanjalo neVX-R.

Umehluko ubonakala kakhulu kwiV-R, ngaphambili njengoba beshintshe i-grille ngemuva bashintsha amalambu.

Ngaphakathi banezezele umbala onsundu nokusho ukuthi amakhasimende asengakwazi ukukhetha phakathi kwengaphakathi eli-beige, elimnyama noma elinsundu.

Ingaphakathi leLand Cruiser 200

Izinto ephuma nazo azishintshanga. Phakathi kwazo kubalwa ukubika uma kukhona imoto ekwi-esendaweni ecashile, izibuko ziyazishintsha ukuze ungaxhopheki uma ubuka kuzo, yisikhumba ngaphakathi, izihlalo zangaphambili zihlelwa ngogesi, ukubanda nokufudumala okunxantathu, izihlalo ezifudumalayo, amakhamera aveza ingaphandle, inkombandlela, uyayisetha indlela ehamba ngayo obhuqwini noma etiyeleni noma kwezinye izindawo, okokulawula ukunamathela phansi nokunye.

Amanani

Land Cruiser 200 4.5D V8 GX-R 6AT

- R 1 021 900

Land Cruiser 200 4.5D V8 VX-R (Black/Beige/Brown) 6AT - R 1 405 600

Iphuma nohlelo lokusevisa kayisishiyagalolunye noma u-90 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.