IVOLVO XC90 kadizili ingenye yezimoto ezithintekayo njengoba le nkampani ithe kungenzeka ziqubuke umlilo enjinini Isithombe: Jonas Ekstramer/TT via AP
I-VOLVO Cars South Africa ikuqinisekisile ukuthi izimoto zayo ezingu-2 896 zikadizili ezakhiwe phakathi kuka-2014 no-2019 ziyathinteka esimemezelweni esenziwe ngempelasonto ekomkhulu eSweden ukuthi kumele zibuyiselwe emuva ziyolungisa.

I-Volvo icele ukuthi kubuyiswe izimoto ezingu-507 353 emhlabeni jikelele ngenxa ye-inlet manifold kaplastiki enjinini okungenzeka incibilike ngenxa yokushintsha kwesimo sokushisa nokungenza kudaleke umlilo enjinini.

Okhulumela le nkampani emhlabeni jikelele uStefan Elfstrom utshele iziko lezindaba iTT ukuthi le nkinga iholele ekutheni kube khona izimoto ezishayo kodwa awukho umbiko wezingozi noma ukulimala.

Le nkampani inxuse abashayeli ukuthi babheke izimpawu zobungozi njengelambu lenjini elivelayo noma uma injini ilahlekelwa ngamandla.

NgokweVolvo SA izimoto ezithintekayo ngezinezinjini ezingama four-cylinder zikadizili ezakhiwe phakathi kuka-2014 no-2019 okuyiV40, V40 Cross Country, XC60, S90 neXC90.

I-Volvo ithe ihlose ukuqala maduze ukulungisa le nkinga.

“Okwamanje amakhasimende ayaziswa ngale nkinga engase ibe khona ukuze bezokwazi okumele bakwenze.”

Ithe abanemibuzo kumele babathinte.