IZIMOTO zakwaVW zisahamba phambili ngokudunwa kuleli.

IZIMOTO zakwaVW zisahamba phambili ngokudunwa kuleli.

Lokhu kudalulwe yinkampani iCtrack engezinye ezihamba phambili ngokuhlinzeka ngezaba zokugadwa kwezimoto. Kuthiwa ziyalandela nezinye izinhlobo zezimoto okubalwa kuzona iToyota, Ford, Citroen neKia. Okuthiwa zithathwa kakhulu iVW Polo, Toyota Hilux , Ford Ranger neBMW X5 kuzoba yiChevrolet Spark.

Isikhulu seCtrack, uHatting, sithe lezi zimoto zithathwa ngenxa yokuthi ziyinyama kubantu abahlala befuna ukuthenga izimoto kuba lula ukuzidayisa. Uthe abashayeli kufanele bahlale beqaphe ngeso lokhozi yonke indawo lapho abahamba khona.

Uthe okunye okufunekayo ukuphakamisa izandla emoyeni ushweleze ubakhombise ukuthi awuhlomile.

Kubalulekile ukusebenzisa isandla sokunxele ukukhipha ibhande lemoto bese uyikhipha egiyeni.