Range Rover Sport

IZOTHELEKA ngoNovemba eNingizimu Afrika iRange Rover Sport eyi plug-in hybrid electric vehicle, iP400e.

Le moto kuthiwa ikwazi ukuhamba amakhilomitha angu-51km ngogesi.

Ukukha phezulu nje, iRange Rover Sport bayithuthukisile indlela ebukeka ngayo ngaphambili nangemuva.

Ishaya ngamarimu aphakathi kuka-21 no-22 inch. Ngaphakathi ikhanya ngemibala engu-10 eyehlukile futhi abagibeli banezindawo eziningi zokubeka izinkomishi nezokushaja nge-USB.

Okhakhayini ikhava yokusitha ilanga ivuleka ngogesi ngokunyakazisa isandla. Nokuyivala futhi kuba yiso leso.

IRange Rover Sport P400e inenjini kaphethroli efuqa amandla angu-221 kW eyifour-cylinder kanjalo nekagesi engu-85 kW.

Lokhu kusho ukuthi inamandla angu-297 kW netorque engu-640Nm futhi idonsa ngawo womane amasondo.

Kuthiwa ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-6.7 futhi ijubane layo elikhulu ngu-220km/h .

Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha kaphethroli angu-3.2

Abashayeli bakwazi ukusebenzisa uSAVE kusebenze ibhethri lodwa. Lapho ihamba ibanga elingu-51km kanti ijubane ligcina ku-137km/h.

Ukuyishaja igcwale bathi kuthatha amahora angu-7.5 kodwa kuncika ekutheni ishajwa kuphi njengoba ezindaweni zomphakathi ishajwa ngaphezulu kwamahora amabili.

Zonke izinhlobo zamaRange Rover Sport zifika ne-4-Corner air suspension. Uma ihamba ngejubane elingaphezulu kuka-105km/h , ususpension wehlisa imoto ngo-15mm ukuze izohamba kahle emoyeni futhi yonge nakuphethroli. Uma uhamba ezindaweni ezibhedayo iphakama ngo-40mm ngejubane elifinyelela ku-80km/h .

Imininingwane ephelele sizoyethula uma ifika ngoNovemba.