INGADLANGADLA yeveni iShelby F150
INGADLANGADLA yeveni iShelby F150 ebitholakala phesheya kuphela isizotholakala naseNingizimu Afrika kusukela ngonyaka ozayo.

I-2019 Shelby F150 isuselwe kwiFord 150. Igabe ngenjini engu-5 litre supercharged enamandla angu-565 kW.

Ngenxa yokuthi angu-500 akhiwe futhi yakhiwa ishayelwa ngesinxele, ambalwa azodayiswa kuleli. IShelby South Africa izofaka i-oda bese iyayishintsha ishayelwe ngakwesokudla endaweni yayo esePort Elizabeth. Amanani aqondile kuya ngokuthi ufuna ifike injani kodwa iShelby South Africa ilindele ukuthi ibize uR2.5 million kuya kuR3 million ngeBaja Raptor. Inani lihlanganisa neShelby warranty yeminyaka emithathu noma * -50 000km.