IRENAULT KWID

ISIGABA sezimoto ezincane sibalulekile eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele ngoba sinenqwaba yabathengi.

Okwenza babe baningi abathengi yingoba izimoto ezikulesi sigaba iningi lazo lishibhile. Abantu abaningi futhi abazithengayo ngabantu abasuke beqala ukuthenga izimoto asebekhathele ukugibela izithuthi zomphakathi noma kube ngabantu abasebancane abathenga imoto okokuqala.

Lapha ngikhuluma ngezimoto ongabala kuzo iKia Picanto, Suzuki Celerio, Datsun GO nezinye.

Enye yalezi zimoto ezenza kahle kulesi sigaba yiRenault Kwid. Kusukela yethulwa eNingizimu Afrika ngo-2016 sekudayiswe amaKwid alinganiselwa ku-10 544.

Lesi yisibalo esikhulu futhi le moto ibe neqhaza elikhulu ekutheni iRenault igcine isidayise izimoto ezilinganiselwa ku-22 559 kuleli ngonyaka odlule.

Lesi sibalo senze le moto yabalwa nezingu-10 ezidayise kakhulu nyakenye.

Le nkampani izimisele ngokuqhubeka nokwenza kahle nakulo nyaka.

Elinye iqhinga layo wukwandisa isibalo samagaraji. Bheka ngoba ngonyaka odlule abengu-69 kodwa bazimisele ngokusonga u-2018 ngangu-80.

Ngaphandle kwalokhu okunye abanethemba lokuthi kuzobalethela impumelelo wukwethula kwabo iKwid egabe ngo-gearbox ongumshini ozishintshayo i5-speed Automatic Manual Transmission (AMT).

Indlela omi ngayo awumile njengamagiya azishintshayo ajwayelekile kepha inamekwe ngezansi kwezinkinobho zokulawula i-air-conditioner.

Lokhu ngikubone kungabuthunazi ubuhle be- centre console kunalokho kuvula isikhala ngoba lapho okufanele ngabe kukhona khona i-gear ungakwazi ukubeka isigubhu noma iselula yakho.

Igiya lakhona uyalikurufa futhi ukhetha uR, N noD alinawo uP (njengasesithombeni) njengamanye azishintshayo

Ngesikhathi yethulwa eKapa ngoLwesihlanu ngithole ithutshana lokuchitha isikhathi nayo.

Aligcini nje kuphela ngokubukeka lehlukile futhi nangendlela elisebenza ngayo lehlukile kunawezinye izimoto. Kuthatha isikhathi nokho ukujwayela indlela ehamba ngayo.

Izwakala sengathi yimoto ene-clutch okumele uyishintshe wena ekubeni ingekho. Uma usuka iyasinda kancane kube sengathi umshayeli uyabhalansisa phakathi kwe-clutch namafutha.

Uma isihamba iyezwakala isishintsha igiya ngoba kuba sengathi iyakudonsa kuhle kwemoto osuke usuyinyathele i clutch.

Ngaleso sikhathi umshayeli kumele athi ukudedela kancane amafutha ishintshe aphinde anyathele.

Ngiyaphinda futhi, kuthatha isikhathi ukukujwayela lokhu.

Engikuthandile nokho wukuthi uma usemqanseni iyalufunda unyawo lwakho ukuthi ufuna iqhubeke nokugijima yini.

Uma unyathela kakhulu yehlisa igiya bese iyalibamba uze uqede umqansa ibe inyusa isivinini.

Ngike ngazibuza ukuthi kungani bengafakanga * -gearbox ojwayelekile ozishintshayo kodwa impendulo ngasheshe ngayithola ngokuthi wenza imoto yonge.

Bathi isebenzisa amalitha angu-4.4 ngebanga lika-100km nokuwukonga okungcono okwehlula ngisho ezishintshayo.

Eshintshwayo isebenzisa angu-4.7 ngebanga elifanayo.

Ngaphandle kuka-gearbox, konke okunye kuyefana neKwid ejwayelekile. Lo gearbox nokho utholakala kwiDynamique ngoba ihlukene ngezinhlobo ezimbili. Kukhona ne-Expression.

Zonke zinenjini engu-1.0 litre kaphethroli enamandla angu-50 kW netorque engu-91 Nm.

IKwid ibukeka sengathi yiSUV kodwa incane. Iphakeme futhi ilayisha abagibeli abahlanu.

Ngaphakathi inomsakazo, air con, amawindi angaphambili avulwa ngogesi futhi ine-airbag yomshayeli.

IDynamique yona ishaya nge-7 inch touchscreen ene-navigator.

Njengoba kuyimoto yokuhamba edolobheni kuhle ukuthi bethule imoto ezishintshayo ukuze kube lula ukuhamba uma kunesiminyaminya. Maningi amathuba okuthi bazuze abathengi ngalokhu.

Inani

RENAULT KWID AMT R146 900

Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma * -150 000. Okunye okuheha abathengi wukuthi ifika ne-comprehensive warranty yonyaka owodwa mahhala.