SEBEQALILE ukwamukela ama-oda eveni labo eliyiV6, iX-Class double cab, kwaMercedes-Benz njengoba lizotheleka ngenyanga ezayo.
SEBEQALILE ukwamukela ama-oda eveni labo eliyiV6, iX-Class double cab, kwaMercedes-Benz njengoba lizotheleka ngenyanga ezayo.

Amanani alo acishe afike esigidini samarandi.

IV6 CDI Progressive nePower kubiza ngoR174 500 noR148 980 ngaphezulu kunama-X-Class asemakethe.

AmaX-Class ethulwe ekuqaleni konyaka yi-X220d ne-X250d asebenzisa injini yakwaNissan eyi-2.3 litre kanti lena eyiV6 3.0 litre CDi ngeyakwaMercedes.

IV6 ifuqa amandla angu-190kW ne-torque engu-550Nm. KwaMercedes bathi ukusuka ku-0 iye ku-100km/* kuyithatha imizuzwana engu-7.9.

Le njini ino-gearbox oyi 7G-Tronic seven-speed automatic gearbox onama-shift paddles. Njenge-Amarok eyi-six-cylinder, idonsa ngawo womane amasondo hhayi ukuthi uyakhetha ukuthi idonse ngawo wonke njengamanye amaX-Class.

Iphini likamengameli wakwaMercedes-Benz Vans Southern Africa, uNadia Trimmel, uthe iV6 X350d iyiveni likanokusho futhi elinamandla.

Ine-gear le-low range uma kunyukela noma kwehlela futhi amakhasimende engakwazi ukucela i-diff lock ngemuva.

Okunye enakho wukukwazi ukukhetha ukuthi ufuna ihambe kanjani ngokuthi iwabe kanjani amandla enjini, ukushintsha amagiya kanjalo nokuhamba obhuqwini.

Selokhu iqalile ukudayisa i-X-Class isiqalile ukubonakala iphithizela emigwaqweni yakuleli.

Amanani:

X 350d Progressive 4x4 R904 188

X 350d Power 4x4R973 188