ITOYOTA Yaris entsha
KUNEZIMOTO ezingadingi ukulokhu zichazwa kakhulu ngenxa yokuthi baningi abantu abazaziyo.

Enye yazo yiToyota Yaris eyathi yethulwa ngo-2005 yasheshe yazitholela indawo ezinhliziyweni zabathengi.

Loku kungenxa yokuthi zibe ziningi izinhlobo zamaYaris zenzw ezihlanganisa ama-hatchback nama-sedan ezenziwe.

Entsha ithe ukuba nkulu kunendala. Ubude bayo babulule ngo-165 mm kwathi ububanzi bakhuphuka ngo-5mm lokho okwenza isikhala sabagibeli nesempahla sande.

Ngaphambili ishaya ngama-headlamps ayisibaca kuthi phakathi nendawo kube ne-trapezoidal grille kuthi emakhoneni phezulu kube namalambu akhanya ubusuku nemini amaDaytime Running Lights.

Uma ungena ngaphakathi ufica isikhala esanele sabagibeli abahlanu.

Izihlalo zakhona zintofontofo. Kukhona izindawo ezimbili zokubeka izinkomishi ngaphambili futhi ezicabheni kunezikhala zokubeka izigubhu zamanzi. Ibhuthi ivuleke ngo-8% nokwenza ibe ngu-310 litres.

ISport ihlukile kunamanye amaYaris ngoba isporty njengokusho kwegama layo. Ngaphakathi kukhona izitishi ezibomvu esiteringini nasegiyeni, izipikha eziyisithupha, izihlalo zesikhumba, auto aircon, kanti okungichaza kakhulu yindlela abayakhe ngayo kwicentre console. Bafake i touchscreen infotainment system entsha. Idlala umsakazo, USB neBluetooth futhi ikwazi ukuxhuma iSmartphone njengoba ine-Apple CarPlay ne-Android Auto.

Amanye ama-apps ungawafaka ngeWi-Fi. Ngaphandle in ama fog lamps ngaphambili, projector headlamps, amalambu eLED ngemuva, ispoiler ebhuthini, shark-fin antenna, ‘iziketi’ emaceleni, nokunye. Ihamba ngamasondo anamarimu angu-16 inch futhi okuhle wukuthi inesipele esifanayo.

Okufike kuphoxe wukungabi nawo amasensor akusiza uma upaka ikakhulukazi ngemuva nokwenza kumele uhlale uhlome ngoshintshi ukuze uzopha abapakisayo.

Angikucacise nje ukuthi uSport bawufake ngoba beyitone indlela ebukeka ngayo kwazise ngaphansi kwebhonethi inenjini efana namanye amaYaris.

Ingu1.5 litre four-cylinder kaphethroli efuqa amandla angu-79 kW netorque engu140 Nm. Ijubane layo elikhulu kwenogearbox oshintshwayo, eyi-5-speed transmission ngu-180 km/* .

Ngemuva kokuhamba isonto ngayo ibanga elinaphezulu kuk-558km, ibidla amalitha kaphethroli angu-7.4 ngo-100km.

Iyezwakala ukuthi ayinawo amandla atheni uma uzama ukuyigijimisa ngoba inyusa amarevvs kodwa ingahambi kangako.

Ngakwezokuphepha ifika nama-airbag omshayeli nomgibeli ngaphambili, ABS, EBD, Vehicle

Stability Control, neHill Assist Control.

Ngaphezu kwalokhu, iSport sinama-airbags asemaceleni, curtain ne-airbag yasedolweni kumshayeli.

INANI

1.5 Sport - R 286 000

Ifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma u-45 000 km, i-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km. Amakhasimende angakwazi ukukwelula lokhu ngeToyota Value added services.