IHyundai H1 esivuliwe ngaphakathi kwandiswa nezihlalo ngenhloso yokwandisa ukuthandwa kwayo emphakathini

ENYE yezintandokazi zamabhasi iHyundai H1 ivuliwe ngaphakathi ukuze kube nesikhala esithe xaxa sabagibeli.

Abakwenzile ukwengeza ezinhle izihlalo nokusho ukuthi isilayisha abagibeli abangu-12. Abagibeli bahlala ngabathathu kusuka ngaphambili kuze kuyoshaya ekugcineni.

Ezaphakathi nendawo ziyakwazi ukugoqeka ukuze abagibeli bafinyelele kwezokugcina.

Izihlalo zangemuva ziyakwazi ukuya phambili ukuze kwande isikhala sempahla uma abagibeli bengagcwele kodwa uma bephelele isikhala asisikhulu kangako.

“IH1 idayisa kahle kusuka sayethula ngo-2009 futhi ukuyithuthukisa ngonyaka odlule nokwengeza izihlalo kuzoheha abathengi abaningi kulesi sigaba," kusho uStanley Anderson ongumqondisi wezokudayisa nokusebenza kwaHyundai Automotive South Africa.

Leli bhasi lihamba ngenjini kadizili engu-2.5 litre enamandla angu-125 kW ne-torque engu-441 Nm.

Isebenzisa u-gearbox oyi 5-speed automatic kanti idonsa ngamasondo angemuva.

Izinto efika nazo zihlanganisa i- infotainment touchscreen, Bluetooth, cruise control, ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla, ama-airbags omshayeli nomgibeli wangaphambili, ikwazi ukudonsa inqola enesisindo esifika ku-1 500kg, i-Electronic Stability Programme, izibuko zasemaceleni ezigoqeka ngogesi nokunye.

IHyundai H1 esivuliwe ngaphakathi kwandiswa nezihlalo ngenhloso yokwandisa ukuthandwa kwayo emphakathini

Isibuyile iMulticab elayisha abagibeli abayisithupha eyayihoxisiwe.

Amanani:

H-1 2.4 Executive 9-Seater Bus (petrol, manual) R527 900

H-1 2.5 Elite 9-Seater Bus (turbodiesel, auto) R654 900

H-1 2. 5 Elite 12-Seater Bus (turbodiesel, auto) R664 900

H-1 2.5 Turbodiesel 3-seater Panel Van (turbodiesel, auto) R476 900

H-1 2.5 Turbodiesel 6-seater Multicab (turbodiesel, auto) R553 900

Ifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km, i-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km ne-roadside assistance yeminyaka emihlanu noma u-150 000km.