IPOLO Vivo entsha

UMA unganakile ungadideka kalula bese uyaphambanisa phakathi kwePolo endala nePolo Vivo entsha.

Nokho uma usuqaphelisisa kahle umehluko uyabonakala. Ubuhle bayo, ukonga kwayo uphethroli, ukushibha nobukhulu bayo bungenye yezinto ezenza iVivo libe yintandokazi kubathengi.

IVivo yokuqala yethulwa ngo-2010 ukuba izongena esikhaleni seCity Golf. Ifike yazitholela indawo ezinhliziyweni zabathengi esigabeni se-A0 segment ngoba kudayiswe angaphezulu kuka-193 000.

Ingaphambili bathe ukulishintsha kancane kubhampa uma uqhathanisa nePolo, bathatha ama-indicator abesesibukweni kwiPolo bawafaka kwi-fender, ngemuva base beyenza kabusha amalambu.

Inamasondo angu-14 inch kodwa uma uthanda ufaka u-15 inch alloy wheel njengalena ebesiyivivinya.

Ingaphakathi lale moto livulekile futhi inebhuthi engu-280 litres okuthi uma ugoqe izihlalo ibe ngu-952 litres.

Ngaphambili ineRadio 140G edlala iSD Card, ifaka i-USB futhi ineBluetooth. Inezipikha ezine.

Okunye efika nakho yi-aircon, power steering, isipele esiphelele, amawindi kagesi ngaphambili, ama-fog light, isihlalo somshayeli okwazi ukusihlela, multi-function display, isiteringi esinamabhathini nokunye.

Kwezokuphepha inama-airbag omshayeli nomgibeli ne-ABS.

Ongakwazi ukukufaka yiCruise Control, Removable Towbar, Storage Package (Front centre armrest nangaphansi kwesihlalo somshayeli), Radio 340G SD/USB/Bluetooth/ App Connect with B-sting/4 Speakers, izihlalo zesikhumba, Smoker’s package neSafety Package (ehlanganisa i-Electronic Stability Control neTyre Pressure Monitor)

Ngaphansi kwebhonethi inenjini engu-1.4 litre enamandla angu-63 kW ne-torque engu-132 Nm. Ngebanga lika-100 km bathi isebenzisa uphethroli ongu-5.9 litres.

Iyashesha ukujwayeleka futhi namagiya ayo angena kalula. Emgwaqweni iwubukhosi ngoba ayizweli kakhulu emabhampini futhi umsindo wangaphandle awumkhulu ngaphakathi.

Iyezwakala ukuthi inamandla amancane ngoba ihamba ibuye ifune ukushintshwa uma udlula enye imoto okwenza izwakale isidumela phezulu.

Okufike kuthi cosololo enhliziyweni wukonga kwayo uphethroli, ikakhulukazi ngoba unyuka nje ngenyanga ezayo.

Inani

1.4 63kW Comfortline R192 000

Ifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km ne-6 year Anti Corrosion Warranty. Uma uthanda ungathenga ne-Automotion Maintenance Plan neVolkswagen Automotion Service Plan.