BEBEYISHAYA kanje imoto abashayeli beToyota Gazoo Racing SA kwiSouth African Cross-Country Series eWinterton ngempelasonto

IQEMBU iToyota Gazoo Racing SA lidle umhlanganiso emncintiswaneni i-2019 South African Cross-Country Series (SACCS) eWinterton ngempelasonto.

Lo mjaho obubizwa ngeBerg 400 ubungowesibili wale sizini. Iqembu le Gazoo Racing SA liphume endaweni yokuqala, yesibili neyesithathu uma sekuhlanganisa yonke imiphumela yosuku.

“Sibe nomjaho omuhle yize bekunezimo ezinzima,” kusho uMengameli weToyota Gazoo Racing SA uGlyn Hall.

Ekugcineni kube wuHenk Lategan nomsizi wakhe uBrett Cummings abaphume endaweni yokuqala ngeToyota Hilux yabo yesigaba seClass FIA elandelwa ngabashayeli bomzuliswano wokuqala uGiniel de Villiers noDennis Murphy.

Yize kube nezihibe eziningi ezihlanganisa ukuphantshelwa amasondo nomlilo omncane owokheleke esontweni kodwa uLategan noCummings bakwazile ukunqoba. Bekungokokuqala ukuthi uCummings anqobe.

ABASHAYELI beToyota Gazoo Racing SA bejabulela ukunqoba emzuliswaneni wesibili iBerg 400 weSouth African Cross-Country Series eWinterton ngempelasonto

Abaphume endaweni yesithathu kube nguShameer Variawa noJuan Möhr abaqale besendaweni yesikhombisa.

“Ekugcineni sibe nomjaho omuhle KwaZulu-Natal,” kusho uHall.

Uthe okulandelayo manje yimijaho emikhulu phesheya ngaphambi kokubhekisa amabombo eBotswana emzuliswaneni olandelayo seSACCS.

Umjaho waphesheya ozayo yiRally Kazakhstan emasontweni amabili alandelayo lapho kuzobe kungenele khona amaToyota Gazoo Racing SA Hulx amabili.

Enye izobe ihamba uNasser Al Attiyah noMathieu Baume kuthi enye ihambe uBernhard ten Brinke noTom Colsoul.

IToyota Kalahari Botswana Desert Race izoba maphakathi nenyanga ezayo.