IGAMA leVolkswagen Tiguan Allspace liyixoxa iphelele indaba ngale moto ukuthi yini umehluko phakathi kwayo neTiguan eyejwayelekile - inaso sonke isikhala osidingayo.

Phela lena ilayisha abagibeli abayisikhombisa futhi nesikhala sokulayisha impahla sithe xaxa kunebitholakala phambilini.

Lokhu kungenxa yokuthi ithe ukuba yinde futhi kwaVW bathi ububanzi bayo abushintshanga. I-wheelbase ithe ukuba yinde ngo-110 mm. Ubude bayo sebubonke bunyuke ngo-215 mm bafinyelela ku-4 701 mm.

Lobu bude benza ukuthi, leSUV engena phakathi nendawo kweTiguan eyejwayelekile nengqovungqovu yeTouareg yakwabo, isikhala samadolo kubagibeli bangemuva sande ngo-60 mm kanti esempahla sona sinyuke ngo-115 litres. Angikubeke zisuka nje nokho ukuthi izihlalo zangemuva akuzona ezabantu abawushiye kakhulu umhlaba ngoba bazogoqana bagcine bengalujabulelanga uhambo.

Njengoba isikhala sebhuthi uma izihlalo zivukile zonke singu-230 litres, uma usibona sincane uyakwazi ukulalisa ezangemuva isikhala sibe ngu-700 litres, uma ulalisa eziphakathi nendawo siba ngu-1 775 litres futhi uma uthanda uyakwazi nokulalisa esangaphambili somgibeli.

Uma uyibuka ngaphandle ayibonakali ukuthi inkuli, ikakhulukazi uma uyibuka ngemuva noma ngaphambili.

Ihlukene kathathu

Ihlukene ngezinhlobo ezintathu, okuyiTrendline, Comfortline neHighline.

ITrendline ifika nenjini engu-1.4 litre TSI enamandla angu-110 kW netorque engu-250 Nm. Ikwazu ukusuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwane engu-9.5 seconts kanti ijubane layo elikhulu ngu-200 km/h . Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha angu-6.5 kanti idonsa ngo gearbox oyi-6 speed DSG.

Ifika namaLED daytime running lights, lights and Visibility Package (izibuko ezizidimayo, ama-wiper azishayayo uma lina, namalambu azikhanyelayo futhi akwazi ukuzinciphisa wona u-bright) nokunye.

IComfortline yona uma uyiqhathanisa neTrendline, ifika nenjini engu-2.0 TSI kanti iyi-4Motion, nokusho ukuthi idonsa ngawo womane amasondo. Inamandla angu-132 kW ne torque engu-320 Nm futhi le njini intsha kwiTiguan. Ikwazi ukuyithwala ifinyelele ku-100km/h ngemizuzwana engu-8.2 kanti ijubane layo elikhulu ngu-208 km/h . Ngebanga lika-100km bathi iphuza amalitha angu-7.7 kaphethroli. Ino gearbox oyi-7 speed DSG.

Uyakwazi ukuyithola futhi ngenjini engu-2.0 TDI enamandla angu-110 kW 4Motion. Yiyona yodwa ekadizili. Ine torque engu-320 Nm futhi ngebanga lika-100km bathi iphuza amalitha angu-6.6 litres futhi ino-gearbox oyi-7 speed DSG.

IComfortline ifika nesivalo sebhuthi esivulwa ngebhathini, LED headlights with dynamic cornering lights okusho ukuthi akhanyisa kakhulu ngalapho ujikela khona neHill Descend Assist.

Okuyiyona ephezulu yiHighline. Ifika nenjini engu-2.0 TSI litre enamandla angu-162 kW 4Motion inetorque engu-350 Nm. U-100km/h iwushaya ngemizuzwana engu-6.8 kanti ijubane layo elikhulu ngu-223km/h . Ino-gearbox oyi-7 speed DSG. Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha kaphethroli angu-8.1.

I-4MOTION yenza ukuthi amandla iwathumele emasondweni lapho edingeka khona.

Kune-Active Control elawulwa ngenkinobho phakathi eyenza ukuthi umshayeli akhethe lapho ehamba khona njengasemgwaqweni nasobhuqwini. Uma uyifake emgwaqweni ikutshela ukuthi khetha ufuna ihambe kanjani phakathi kukaNormal, Sport, Eco no-Individual.

Le moto ifika nezinto eziningi ezisiza umshayeli ozifaka uma uthanda njenge-Adaptive Cruise Control (ACC) eneFront Assist ne-City Emergency Braking. Uma ufake i-ACC ugcina ngokujikisa isiteringi ngoba okunye uyazenzela. Kukhona ne-Trailer Assist nePark Assist.

Buningi nobunye ubuchwepheshe okwazi ukubufaka njenge-Active Info Display neHead-up Display. ITrndline neComfortline zifika neComposition Colour infotainment system kanti uma uthanda ugaxa iComposition Media yona efika neHighline. Uma uthanda ufaka neDiscover Pro navigation system.

Uma ine-App Connect ukwazi ukuxhuma amaselula nge-Android Auto noma i-Apple CarPlay bese evela kwi-screen.

Ngaphandle yinhle futhi ihluke nge-radiator grille entsha eshaya ngolayini be chrome. Nokhakhayi lwenziwe kabusha.

Uma uyigaxe iR-Line package yilapho iba yinhle kakhulu khona. Ukwazi ukuyifaka kwiComfortline neHighline.

Ususpension uthi ukwehla, ubhampa ngaphambili nangemuva uyahluka, inamarimu angu-19 inch kwiComfortline kuthi iHighline iba ngu-20 inch.

Ngesikhathi yethulwa ngithole ithuba lokushayela i2.0 TDI Comfortline. Ungaze ukhohlwe ukuthi yimoto kadizili ngendlela ethule ngayo ngaphakathi. Izihlalo zintofontofo futhi njengoba iyi-4MOTION nje, ibibambelela emgwaqeni nakweyibhuqu. Amagiya ayo angena kalula futhi uma uthanda uwashintsha wena.

ITiguan ngiyibone ikahle kubantu abanomndeni futhi abafinga imoto evulekile hhayi enkulu njengoToyota Fortuner, Ford Everest nezinye.

Amanani

1.4 TSI 110kW Trendline DSG R463 400

2.0 TSI 132kW Comfortline 4MOTION DSG R523 800

2.0 TDI 110kW Comfortline 4MOTION DSG R571 100

2.0 TSI 162kW Highline 4MOTION DSG R604 800

Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, i warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km, ne anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12. Kumele uyisevise ngemuva kokuhamba u-15 000km.