ISUZUKI Ciaz ithuthukiswe indlela ebukeka ngayo yashintshwa nenjini
ISUZUKI Ciaz ithuthukiswe indlela ebukeka ngayo yashintshwa nenjini
Izithombe: DBN SPOTTER
Izithombe: DBN SPOTTER
EZINYANGENI ezimbili ezedlule iSuzuki imemezele ukuthi uma uya emagaraji ayo uzofica iCiaz entsha ethuthukisiwe.

Uma uyibheka le moto isezingeni elifanele lokuthi ngabe ibalwa nezinye ezenza kahle kulesi sigaba. Kodwa ngithe ngijeqeza izibalo zokudayiswa kwezimoto zangenyanga eyedlule, ngathola ukuthi kudayiswe angu-11 okukhombisa ngokusobala ukuthi abantu bayayikhohlwa. Kunalokho bavele babheke iToyota Corolla Quest (okudayiswe angu-444) nezinye izimbangi.

Ngaphandle iCiaz iyabukeka. Inechrome ngaphambili kwi-grille kanjalo nasezansi kumafog lamps. Naseceleni iyaqhubeka le chrome njengoba isezansi kwamawindi nasezibambeni zokuvula izicabha. Ngemuva ikhona ebhuthini kanjalo nangakumareflector ngezansi kubhampa. Ngokwami bebengayishiya bengayifakanga ngenzansi ngemuva. Inamarimu amahle angu-16 inch. Ngaphakathi ivulekile. Abagibeli bangena khaxa bahlale ngokukhululeka ezihlalweni zesikhumba. Ibhuthi ingu-480 litres futhi ngaphansi kwayo kunesondo eliyisipele elikhulu. Okubi ukuthi izihlalo azilali njengezinye izimoto ukuze kuzokwanda isikhala.

Ushintsho olukhulu yi-touchscreen engu-7 inch yeSuzuki Smartphone Linkage Display Audio (SLDA). Lapha ukwazi ukuxhuma iselula nge-USB bese ivela kwi-screen nge-Android Auto, Apple CarPlay neMirrorLink. Kuvela futhi nengemuva uma uhlehla njengoba beyigaxe ikhamera.

Uma uyithinta ku-dashboard uyezwa ukuthi yakhiwe ngoplastiki kodwa othe ukuqina mbijana. Ngasohlangothini lomshayeli kufakwe i-colour information display kwi-instrument cluster. Yilapho kuvela khona imininingwane ngohambo nokuthi imoto inophethroli ongakanani nokunye.

Ezinye izinto enazo zihlanganisa ukudunyiswa ngebhathini, amawindi kagesi, izibuko zasemaceleni ezigoqekayo, amabhathini esiteringini, cruise controol, nezimbobo ze-aircon ngemuva.

Olunye ushintsho abalwenzile wukufaka injini engu-1.4 litre engena esikhaleni sengu-1.4.

Le njini inamandla angu-77 kW netorque engu-138 Nm. Lamandla anyuke ngo-7 kW no-8 Nm uma uyiqhathanise nendala.

KwaSuzuki bathi ngebanga lika-100km iphuza amalitha angu-5.5. Ngesikhathi sihamba ngayo ibidla angu-6.0 nokuyinto encomekayo ngoba iyonga. Uma uyishayela amagiya angena kalula ngogearbox wayo oyi-5 speed manual.

Emgwaqweni ihamba kahle kodwa kwesinye isikhathi uyazizwela ukuthi kumele wehlise igiya uma ufuna ukubamba ijubane udlula enye imoto futhi kunyukela.

Umsindo bawuzamile ukuwunciphisa futhi nasemabhampini ayikhalisi.

Ezokuphepha enazo ngama-airbag amabili omshayeli nomgibeli, amabhreki e-ABS ne-electronic brake-force distribution nebrake assistance.

ICiaz yimoto enganakekile kodwa esezingeni ukuthi ingancintisana nezinye izimbangi. Ivulekile, okuyinto efunekayo uma unomndeni noma usebhizinisini lokuthutha abantu, ihamba kahle emgwaqeni futhi bayithuthukise. ngobuchwepheshe

Inani

Suzuki Ciaz 1.5 GLX Manual R244 900

Ifika neservice plan yeminyaka emithathu noma * -60 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma * -200 000km.