ITOYOTA QUANTUM entsha

ISIQALILE ukutholakala emagaraji akwaToyota iQuantum entsha esanda kwethulwa.

Le Quantum bathi yinde kunendala lokhu okwenza isikhala sabagibeli ngaphakathi sibe sihle futhi bahlale kahle.

Bayishintshile futhi nendlela ebukeka ngayo njengoba kwi-radiotor grille kuhlangene namalambu. I-GL ine-chrome kwi-grille kanjalo namalambu akhanya ubusuku nemini amaLED Daytime Running Lights, ama-fog lamps kanjalo nobhampa owumbala wemoto nezibambo zezicabha.

Kuphinde kube namarimu amasha angu-16 inch.

IGL bus yona ungayithola ngemibala emithathu okungo-Ivory White, Quicksilver Metallic noma uLight Blue Metallic.

Le Quantum ihlukene ngezinhlobo njengoba kukhona i-panel van ne bus. Ipanel van ilayisha abagibeli abathathu kanti ihlukene nge-long wheel base (LWB), super-long wheelbase (SLWB) kanjalo nelayisha abayisithupha i long wheelbase (LWB) crew cab.


I-GL bus yona ihlukene ngezinhlobo ezilayisha abagibeli abangu-11 (LWB) nesuper long wheelbase elayisha abagibeli abangu-14.

Bathi zonke izinhlobo ziphephile, zinezinjini ezintsha futhi zithule ngaphakathi uma sezihamba.

Kunenjini entsha engu-2.8 litre eneturbochanger ne intercooler abathi inamandla futhi iyonga.

Le njini engu four-cylinder turbodiesel inamandla angu-130 kW netorque engu-420 Nm kuwona wonke ama panel van nebhasi elilayisha abagibeli angu-11.


Elayisha abagibeli abangu-14 yona inenjini enamandla angu-115kW netorque engu-420 Nm.

Isebenzisa ugearbox oyi 6-speed oshintshwayo.

Ezokuphepha enazo zihlanganisa i Anti-Lock Braking System (ABS) ne-Electronic Brake-force Distribution, Vehicle Stability Control kanjalo neHill-Assist Control. Uma udonsa inqola kukhona iTrailer Sway Control. Ngaphakathi inama-airbag omshayeli nomgibeli wangaphambili.

ISes’fikile elayisha abagibeli abangu-16 izoshintsha igama ibizwe ngeHiace futhi izoqhubeka nokwakhiwa embonini yakwaToyota eProspectno, eThekwini. Izoqhubeka nokusebenzisa injini engu-2.7 litre kaphethroli no-2.5 litre kadizili.

Amanani

Quantum 2.8 LWB GL Bus 11-seater - R 597 700

Quantum 2.8 SLWB GL Bus 14-seater - R 613 500

Quantum 2.8 LWB Panel Van 3-seater - R 473 900

Quantum 2.8 LWB Panel Van 3-seater (AC) - R 481 400

Quantum 2.8 SLWB Panel Van 3-seater - R 509 500

Quantum 2.8 SLWB Panel Van 3-seater (AC) - R 517 000

Quantum 2.8 LWB Crew Cab 6-seater - R 482 600

Quantum 2.8 LWB Crew Cab 6-seater (AC) - R 490 100

Quantum 2.8 LWB Crew Cab 6-seater (Front & Rear AC) - R 495 600

Hiace Ses’fikile 2.7 16s - R 419 100

Hiace Ses’fikile 2.5D 16s - R 444 200

Wonke afika ne-service plan yamasevisi ayisishiyagalolunye noma * -90 000km. Kumele uyise kwisevisi njalo ngemuva konyaka noma * -10 000km. Ifika futhi ne-warranty yeminyaka emithathu noma * -100 000km.