IMITSUBISHI ithuthukise imoto yayo i-ASX GLS VT

IMITSUBISHI ithuthukise imoto yayo i-ASX GLS VT ukuthi ibukeke isesitayeleni futhi igqame.

Konke lokhu kuyenza ihluke kakhulu kunezinye izinhlobo ze-ASX.

Le nkampani ithi zonke izinguquko ezenzile yenze uphenyo ukuthi le crossover yayo izoqhubeka nokwenza kahle emakethe emhlabeni jikelele.

Izinguquko ngaphambili zihlanganisa indlela i-grille yayo emi ngayo yahlotshiswa nge-chrome, ubhampa nawo wenziwe kabusha futhi igaxwe amaLED daytime running lights.

Ngemuva khona bayenze ubhampa omusha onama-carbon fibre inserts, idiffuser ukuze ibukeke isporty, bayihlobise nge-chrome futhi inamaLED rear fog lamp.

Omunye umehluko uhlanganisa indlela entsha okwenziwe ngayo i-centre console, inezindawo ezimbili zokufaka ama-USB futhi inendawo yokubeka iselula.

Kuphinde kwashintshwa nendlela okwenziwe ngayo i-dashboard.

Ngaphandle ishaya ngamarimu amasha angu-18 inch diamond-cut alloy nombala omusha wesiliva.

Imenenja jikelele yakwaMitsubishi Motors South Africa (MMSA) uNic Campbell ithe okumnandi wukuthi * -gearbox i-INVECS-III CVT ene 6-step Sports Mode isiyatholakala kule moto.

Bathi * -gearbox walolu hlobo uyintandokazi kumakhasimende ezimoto ezingama-cross-over nokiyingakho nabo bengenile.

Lo gearbox, ngokusho kwabo, wenza ukuthi imoto yonge futhi nesisisi esingcolisa umoya sibe sincane.

Ezinye izinto ezitholakala kule moto yisiteringi esinekhava yesikhumba esinamabhathini, ifika nama-airbags ayisikhombisa, Active Stability neTraction Control neHill Start Assist.

Ifika futhi nekhamera eliveza ingemuva uma uhlehla, Park Distance Control, izibuko ezifudumalayo futhi ezigoqekayo, panoramic glass roof nokunye.

Inani

R399 995

Ifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma * -100 000km, iservice plan yeminyaka emihlanu noma * -90 000km. Kumele iye kwisevisi ngemuva kokuhamba * -15 000km.