TOYOTA SUPRA

IGCINE idaluliwe intengo yeToyota Supra njengoba yethuliwe eNingizimu Afrika kuleli sonto.

Le moto enezicabha ezimbili, izotholakala ngezinhlobo ezintathu okuyiGR Supra “Track” model, GR Supra neMatte Grey edition.

Le moto eyakhelwe phezu kwesisekelo seBMW Z4, ifika namarimu angu-19 inch. Umehluko omkhulu kumaSupra ungaphakathi.

ITrack ifika nedual-zone climate control, touchscreen sound system enezipikha ezingu-10 kanjalo nekhamera yangemuva, cruise control nezihlalo ezinekhava yendwangu.

Izinhlobo ezimbili ezibiza intengo ethe xaxa zona zinezihlalo ezihlelwa ngogesi futhi ezifudumalayo, izipikha ezingu-12 zeJBL kwi infotainment system enenkombandlela, Heads up Display, Park Distance Control, Lane Keeping System, Pre-Crash System ne-wireless charging.

Kukhona ne-Adaptive Variable Suspension with adaptive damping uma.

ITrack ukwazi ukuyithola kuphela ngombala obomvu bese kuthi ezinye ukwazi ukukhetha kobomvu, osiliva, omnyama, ophuzi, noluhlaza okwesibhakabhaka.

Zontathu zinenjini yakwaBMW engu-3 litre turbocharged straight six enamandla angu-250 kW ne-torque engu-500Nm.

Amandla iwathumela emasondweni angemuva ngogearbox oyi eight-speed automatic.

KwaToyota bathi ukusuka ku-0 iye ku-100km/* kuyithatha imizuzwana engu-4.3 kanti ijubane layo elikhulu balimise ku-250km/* .

Amanani

GR Supra Track R953 000

GR Supra R1 072 300

Matte Grey edition R1 092 300