ISIZUKULWANE sokuqala samaveni akwa-Isuzu ihamba eVredendaal

UMA kungathiwa kuhlehlwa kubuyelwa eminyakeni engu-40 eyedlule, iveni yakwa-Isuzu ubungayithola ngoR3 485.

Leyo kwakuyi-1.6 yokuqala ukukhiqizwa embonini iKempston Road ePort Elizabeth njengoba le nkampani igubha iminyaka engu-40 (1978) yaqala ukwakha kuleli.

Ngaleso sikhathi eyayinenjini engu-2.0 litre kadizili yona yayibiza uR4 295.

Isikhulu sakwa-Isuzu Motors South Africa ophikweni lokukhiqiza, uJohan Vermeulen, sithe iveni labo selishintshe kakhulu kule minyaka eyedlule ukuze lizohlala lingezinye zezintandokazi kuleli.

“Saqala ukukhiqiza embonini eKempston Road lapho esenza khona izizukulwane ezinhlanu sabe sesithuthela embonini iStrunadale yesimanje manje ngesikhathi siqala ukwakha eyesizukulwane sesithupha.”

Ngeminyaka yo-1990 yaba ngeyokuqala ukwethula ama-double cab emakethe yaseNingizimu Afrika.

Eyesizukulwane sesithupha eyethulwa ngo-2013 sekwakhiwe angaphezulu kuka-600 000 kuze kube yimanje.