AUDI Q8

ISIQALILE ukutholakala emagaraji akwa-Audi iQ8 entsha eyethulwe ngasekuqaleni kwenyanga.

Le yimoto yokuqala ukwethulwa yile nkampani emuva kokuthula isikhathi. 

UNoel Zondi oyisikhulu sezokudayiswa kwezimoto ezintsha kwa-Audi Centre, eThekwini, uthe sebenayo egaraji labo iQ8.

“Iyimoto entsha ekhombisayo ukuthi izimoto zethu ezizayo zizoba njani. Yonke into uyenza kuma screen akhona. IneHeads-up Display, yakhiwe nge-aluminium okusho ukuthi ayisindi kakhulu kodwa iphephile futhi iyiquattro okusho ukuthi idonsa ngawo wonke amasondo,” kusho uNoel.

Uthe okuhle ngeQ8 wukuthi izinto eziningi uzithola ngaphandle kokwengeza imali. Ubale ipanoramic sunroof nezihlalo zesikhumba athe ngezinye zalezo zinto.

UMNUZ Noel Zondi oyisikhulu sokudayisa izimoto ezintsha kwa-Audi Centre Durban. Isithombe: SITHUNYELWE

“Maduze sizoba nomcimbi wokuyethula ngokusemthethweni kubantu baseThekwini kodwa isikhona yona egaraji lethu. Cabanga lokhu kwagcina ngokwethulwa iQ2 eminyakeni emibili eyedlule.”

Uthe igaraji labo elisemgwaqeni uStalwart Simelane line-Audi Sport okusho ukuthi badayisa izimoto zamandla ezingamaRS.

Uthe badayisa nezimpahla zokugqoka okubalwa kuzo amakepisi, izikibha nokunye.

“Ngokuqhubeka konyaka kuza iQ3 entsha, i-A1 ne-A8.”