ENYE yezimoto ezingenela umncintiswano wezimtoo iJaguar Simola Hillclimb
SELIQALILE isasasa ngomcimbi waminyaka yonke wezimoto iJaguar Simola Hillclimb ezoba seKnysna ngoMeyi 3 kuya kuMeyi 6 nonyaka.

Lo mcimbi kuzoba ngokwesishiyagalolunye uba khona.

“Isasasa leJaguar Simola Hillclimb yakulo nyaka liyamangalisa kusukela kwabazoncintisana, izinkampani kanjalo nababukeli,” kusho umqondisi womcimbi * -Ian Shrosbree.

Uthe sebethole imingenelo engaphezu kuka-220 yeClassic Car Friday neKing of the Hill futhi sebethola isibalo esikhulu sabathenga amathikithi ngokwahlukana kwawo.

Kulo mcimbi kukhona nezimoto ezincintisana ngejubane zinyuka intaba.

“Ngenxa yezinto eziningi ezozokwengezwa kwiHillclimb yakulo nyaka, abalandeli bangalindela amathuba amaningi ezinto ezimangalisayo ngokuba yingxenye nokubukela okuzokwenzeka,” kusho uShrosbree.

Enye yezinto ezizokwethulwa kulo nyaka yindawo entsha yezibukeli ezobe ibekwe kahle ngakwiTurn 2. Ababukeli bazokwazi ukubona kahle iHillclimb kusukela ekuqaleni kuze kube yingasebhulohweni kuTurn 3.

Kulula ukuya kuma-pits, indawo yokuthenga ukudla neGasoline Alley.

Indawo yokuhlala yona ivunyelwe ukuthatha abangu-400 ngosuku. Kuvumelekile ukuthuthukisa ithikithi lakho likawonke wonke noma iPit Access Ticket ngokufaka uR200 ngaphezulu.

Abahleli sebephinde benza indawo yokupaka izimoto eseduze ebiza uR100 ngosuku.

Kwabathanda ukuba yizicukuthwane kuthiwa kumele basheshe bawathenge amathikithi ngoba kudayiswa angu-250 kuphela ngosuku.

“Siyanxusa kwabahlela ukuhambela iJaguar Simola Hillclimb kulo nyaka ukuthi bathenge amathikithi nendawo yokulala kusenesikhathi,” kusho uShrosbree.

Uthe izindawo zokulala zinciphile ngenxa yokushiswa wumlilo wangonyaka odlule kodwa zikhona ezinye emadolobheni angomakhelwane.