Ford Ranger Raptor
ISIKHULU sezokuthutha kwaGumtree SA, uJeff Osbornem, sikholwa wukuthi iFord kuleli iza kahle ngemuva kwesigameko esathunaza igama layo ngo-2017 esithinta ukugqamuka amalangabi kweKuga.

U-Osborne uthe alusingathwanga ngendlela udaba lwezicelo zokuthi kubuyiswe ezinye izinhlobo zeKuga.

“Kodwa kusukela lapho sesibone izindaba ezinhle zivela kwaFord futhi nokuthengwa kwezimoto zakhona kwathuthuka.”

IFord ineveni iRanger ebhekene ngqo neToyota Hilux ngombango wabathengi. Ngonyaka odlule yanqoba kwiDouble Cab Bakkie nakwiPeople’s Choice Award kumaGumtree Pre-Owned Car Awards okuqala.

Muva nje likhulu isasasa ngeFord Ranger Raptor ezokhiqizwa embonini yakwaFord eSilverton ngonyaka ozayo.

“Ibukeka igqamile futhi isuse okukhulu ukukhuluma ngenjini yayo encane engenza ibe sesitayeleni uma isifika emakethe.”

Le nkampani inezimoto ezintathu ezintsha ezozethula emakethe kulo nyaka okuyiFord EcoSport, Fiesta neFigo entsha. Kukhona neFord Mustang enenjini engu-5.0L Ti-VCT V8.

U-Osborne ukholwa wukuthi ukuqhamuka kwezinhlobo ezintsha kuzothela izithelo ezinhle kule nkampani.

“Banomlando omuhle eNingizimu Afrika njengoba bedayise iModel T ngo-1905 futhi sebekhiqize kuleli kusukela ngo-1923. Bakhombisa ukuzinikela kule makethe njengoba sekuhambe iGeneral Motors.”