TOYOTA QUANTUM

ESIKHATHINI esingengakanani izoqala ukutholakala eNingizimu Afrika iToyota Quantum entsha, eshintshwe ngemuva kweminyaka engu-15.

IQuantum, ebalwa nezinye izimoto ezidayisa ubuthaphuthaphu zinyanga zonke kuleli, ihluke kakhulu kunendala indlela ebukeka ngayo, izinjini enazo, indlela ehamba ngayo nezokuphepha.

Le moto izotheleka maphakathi nonyaka. Izotholakala ngezinhlobo ezintathu ngendlela elayisha ngayo kwazise kukhona eyi-long wheel base (LWB), super-long wheelbase (SLWB) nelayisha abayisithupha iLWB crew cab.

Eyibhasi izotholakala imumatha abagibeli abangu-11 okuyiLWB nezolayisha abagibeli abangu-14 iSLWB.

IQuantum, okungeyesizukulwane sesithupha, izotholakala ngenjini engu-2.8 litre four-cylinder turbocharged diesel. Izoba ne-gearbox eyi 6-speed manual. Ngaphakathi bathi ivulekile futhi inezindawo zokubeka impahla. Inezindawo ezingu-16 zokubeka izinkomishi noma iziphuzo. Ishaya ngamalambu eLED nokunye.

Esicabheni kuphansi, ukuze kungeneke kalula futhi kunesitebhisi eside. Amandla okudonsa inqola asengeziwe kwazise isikwazi ukudonsa enesisindo esingu-2 000kg.

Emgwaqweni bathi ihamba kahle futhi iyabambelela.

Imininingwane ephelele ngayo sizokulethela yona kule ngosi uma isiyethulwa ngokusemthethweni.