INissan Qashqai ka-2018
KWETHULWE iNissan Qashqai ka-2018 eGoli ngesonto eledlule.

Ubuhle bayo bukudonsa uza kude kanti nangaphakathi ayikuphoxi ngenxa yokuba ntofontofo kwayo. Iyimoto elungele umndeni futhi inesikhala esanele ngaphakathi ukuthi uhlale ngokukhululeka nomndeni.

Okuqaphelekile ngayo wukuthi kulula ukuyihlukanisa ngobukhulu benjini yayo ngokulalela ukuduma kwayo njengoba kukhona engu-1.2 litre nengu-1.5 litre. Lokho ukuzwa usaqala ukuyidumisa.

Uma ungumuntu okhonze izimoto ezisuka ngesivinini ungaphephela kwenenjini engu-1.5. I-1.2 ayimfuni umuntu ohlala ejahile nozama ukudlula ezinye ngisho ithuba lingavumi ngoba ethembe ukushesha kwemoto. Uma uyicindezela kakhulu ayigxumi ihlale ejubaneni kodwa iqala ngokuba nomsindo igodle amandla. Kwi-1.5 akwenzeki lokho. Okumnandi ngeQashqai entsha wukuthi uma igijima ayinawo umsindo osho ukuthi usucindezele kakhulu.

Okukhombisa ukuthi abaningi bayithandile wukuthi iphume ngenyanga edlule kodwa abakwaNissan sebekwaze ukudayisa ezingaphezu kuka-22 000 emhlabeni wonke. Ngesikhathi beyethula ngokusemthethweni abakwaNissan bathe imfihlo yabo ngayo wukuthi bayayiqonda into efunwa ngamakhasimende abo yingakho bekhiphe ebe nogazi kuwona. Bathe abavelanga bayishintsha kodwa balalele amakhasimende abo ukuthi afunani.

Kusuka ngo-2007 okwathulwa ngawo iQashqai yokuqala, sekudayiswe angu-3.3-million emhlabeni.

Ngaphandle kokuthi iyimoto yomndeni ikulungele nokuhamba edolobheni, yingakho abakwaNissan bezigqaja ngayo baze bathi iyi-“cityproof".

Ihlanganise ubuchwepheshe obubizwa ngeNissan Intelligent Mobility (NIM) obutholakala kwiParol neXtrail ezethulwe nyakenye. Kulobu buchwepheshe singabala: i-Intelligent Blind Spot Warning esiza umshayeli ukuthi akwazi ukubona kahle zonke izimoto ezisemaceleni kwakhe ngaphambi kokuba ashintshe ulayini, i-Intelligent Emergency Braking esiza umshayeli ngokumtshela uma esezoshayisa enye imoto bese izibambele amabhuleki uma kunesidingo.

Iphinde ine-Intelligent Forward Collision Warning esiza ukutshela umshayeli uma esesondele kakhulu emotweni engaphambi kwakhe, ibuye ibe ne-Around View Monitor okungamakhamera akhelwe kuyona ukuthi ikwazi ukutshela umshayeli ngazo zonke izimoto ezisemaceleni kwayo.

Iphinde ine-Intelligent Cross Traffic Alert esiza ukuthi ubone uma kukhona okungemuva uma uhlehla ngaphandle kokuthi uze ubuke izibuko.

Ingaphakathi layo lihle kakhulu akukhathalekile ukuthi inezihlalo zendwangu noma ezesikhumba. Zonke iziteringi zayo ziqondile ngaphansi okwenza zonke zibukeke zingamaSport. Zinendawo yokubeka ingalo uma ufuna ukuyiphumuza.

IneTouch-screen ekwazi ukuveza iGPS. Inokhakhayi oluyingilazi kodwa lokhu kutholakala kweseqophelweni eliphezulu.

Yize umzimba wayo ubukeka usumncane uma uyiqhathanisa nendala kodwa ubukhulu bebhuthi yayo obungamalitha angu-430 ibunyuse baba ngamalitha angu-680 uma kulaliswe izihlalo zangemuva.

Izipikha zomsakazo wayo nazo zandisiwe njengoba seziyisikhombisa. Ingaphandle layo nalo lishintshe kakhulu njengoba ingaphambili selibukeka lilihle kakhulu. Amalambu ayo azikhanyela noma kusemini, okungenye yezinto ezintsha ezengezwe kuyona.

Amathayi ayo kukhona angu-17 no-19-inch.

Amanani:

1.2 T Visia R 334 900

1.2 T Visia + Alloys R 346 700

1.2 T Acenta R 367 000

1.2 T Acenta CVT R 381 000

1.2 T Acenta Plus CVT R 394 000

1.5 dCI Acenta R 394 000

1.5 dCI Acenta Plus R 407 000

1.5 dCI Tekna R 434 000

Uma uyithenga iphuma neWarranty yeminyaka eyisithupha noma amakhilomitha angu-150,000. Ine-Service Plan yeminyaka emithathu noma amakhilomitha angu-90 000.