IPANAMERA eqokwe njengemoto ephambili

IPHUME phambili okwesine emncintiswaneni i-2018 WesBank South African Car of the Year (COTY) iPorsche ngemuva kokuqokwa kwePanamera emcimbini obuseGoli ngoLwesibili ebusuku.

IPorsche ithathe isicoco ngemuva kwezinye ezintathu zilandelana eyazithola ngePorsche Boxster (2013), Porsche Cayman S (2014) nePorsche Macan Diesel S (2015).

Ibincintisana ne-Alfa Romeo Giulia, Audi Q5, BMW 5 Series, Kia Picanto, Land Rover Discovery, Peugeot 3008, Porsche Panamera, Suzuki Ignis, Toyota C-HR neVolvo S90

Endaweni yesithathu kuphume i-Alfa Romeo Giulia kwathi endaweni yesibili kwaba yiVolvo S90.

Ngasekupheleni konyaka odlule amajaji awu-26 ayizintatheli zezimoto ezingamalungu eSouth African Guild of Motoring Journalists (the Guild) avotela izimoto aphuma neziwu-10 eziphambili.

Ekupheleni kukaJuni achithe izinsuku ezimbili evivinya kanzulu izimoto eziwu-10 ebeziphambili.

Azivivinye enkundleni yezimoto zomjaho iKyalami naseVelmore Hotel & Spa ukuzwa ukuthi zihamba kanjani emgwaqweni ovulekile.

Uhla lwazo zonke izimoto esezake zanqoba kusukela umncintiwano wasungulwa lumi kanje:

1986 Toyota Corolla Twin Cam

1987 Mercedes-Benz 260E

1988 BMW 735i

1989 Toyota Corolla GLi Executive

1990 BMW 525i

1991 Opel Monza 160 GSi

1992 Nissan Maxima 300 SE

1993 BMW 316i

1994 Opel Kadett 140

1995 Opel Astra 160iS

1996 Audi A4 1.8

1997 BMW 528i

1998 Ford Fiesta Fun

1999 Alfa Romeo 156 T-Spark

2000 Renault Clio 1.4 RT

2001 BMW 320d

2002 Audi A4 1.9 TDI

2003 Volkswagen Polo TDI

2004 Renault Mégane 1.9 dCi

2005 Volvo S40 2.4i

2006 Audi A3 Sportback 2.0T

2007 Honda Civic 1.8 VXi Sedan

2008 Mazda2 1.5 Individual

2009 Honda Accord 2.4 Executive

2010 Volkswagen Golf 6 1.4 TSI

2011 BMW 530d and Volkswagen

Polo 1.6 TDI

2012 Hyundai Elantra 1.8 GLS

Executive

2013 Porsche Boxster

2014 Porsche Cayman S

2015 Porsche Macan Diesel S

2016 Volvo XC90

2017 Opel Astra

2018 Porshe Panamera.