IPOLO Vivo entsha edayisa ngokushesha kuleli
AKUKAPHELI ngisho isonto yethuliwe iPolo Vivo entsha kodwa isiqalile ukubonakala emigwaqweni yakuleli.

Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi iVivo iyintandokazi kubathengi baseNingizimu Afrika futhi angingabazi nakancane ukuthi nalena entsha isazoqhubeka.

Kafushane nje, iVivo yokuqala yethulwa ngo-2010 ukuba izongena esikhaleni seCity Golf. Kusukela lapho izidlela amahlanga ngabathengi esigabeni se-A0 segment ngoba kudayiswe angaphezulu kuka-193 000.

IVolkswagen yethule entsha ngenhloso yokuqhubeka nempumelelo yendala. Nayo le yakhiwa embonini yale nkampani khona kuleli, okuyinto enhle ngoba kudaleka amathuba omsebenzi.

Kusukela abantu beqalile ukuyibona iVivo entsha kuningi ukukhuluma ngayo. Nami ekhasini lami le-Instagram (@fanelebengu) ngiyifake abantu baphawula ngezindlela ezahlukene.

Okuyikhona abakuqhakambisa kakhulu wukufana kwayo nePolo endala. Yebo, kuyiqiniso, iVivo isuselwe kwiPolo yesizukulwane sesihlanu yabe isishintshwa okuthize ukuze ibe yimoto “entsha”.

Ingaphambili bathe ukulishintsha kancane kubhampa, bathatha ama-indicator abesesibukweni kwiPolo bawafaka kwi-fender, ngemuva base beyenza kabusha amalambu.

Kuya ngenhlobo yakho kodwa iTrendline neComfortline zinamasondo angu-14 inch kodwa uma uthanda ufaka * -15 inch alloy wheel, iHighline yona ino-16 inch kuthi iGT igibele angu-17 inch. I-GT yiyona engumakhonya ezinhlotsheni zeVivo ezikhona ngoba ihluke nangendlela ebukeka ngayo nangezinto efika nazo.

Iphuma ne-spoiler ngemuva, cruise control, i-suspension yehlisiwe, sports seats ngaphambuli, iqoshiwe ukuthi GT ngemuva, kwi-grille ngaphambili nasemaceleni nokunye.

Ingaphakathi lale moto livulekile ngoba inebhuthi engu-280 litres okuthi uma ugoqe izihlalo ibe ngu-952 litres.

Ngaphambili ine-instrument cluster entsha, kuthi phakathi nendawo kube khona i-infotainment system ehlanganisa ne-touchscreen esikwazi ukukhombisa okufake kwiSD card, USB, Bluetooth futhi sine-App Connect.

Izinjini namandla:

IPolo Vivo izakhele igama ngokuba yimoto eyongayo kuphethroli. Kukhona izinjini ezintathu eziyi four-cylinder zikaphethroli neyodwa eyi three-cylinder TSI. Lezi ezintathu zino-gearbox oyi-5 speed oshintshwayo.

Eyokuqala yi-1.4 litre etholakala kwiTrendline enamandla angu-55 kW ne-torque engu-130 Nm. Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha kaphethroli angu-5.7.

Enye yi-1.4 ekwiComfortline. Yona inamandla angu-63 kW ne-torque engu-132 Nm. Ngebanga lika-100 km bathi isebenzisa uphethroli ongu-5.9 litres.

Eyokugcina eyi four-cylinder yi-1.6 etholakala kwiComfortline Tiptronic neHighline. Inamandla angu-77 kW ne-torque engu-153 Nm. Ukwazi ukuyithola no-gearbox oyi-6 speed oshintshwayo noma ozishintshayo iTiptronic. Bathi yona iphuza amalitha kaphethroli angu-6.2 (6.1 kwiTiptronic) ngebanga elingu-100km.

Eyokugcina injini ekhona yi-1.0 TSI enamandla angu-81 kW. Le njini itholakala kwiGT ine-torque engu-200 Nm. Iyonga ngoba ngebanga elingu-100km bathi isebenzisa amalitha kaphethroli angu-4.6. Ino-gearbox oyi-6 speed manual.

Ngesikhathi yethulwa ngithole ithuba lokushayela iComfortline. Besishayela sisuka ePort Elizabeth siya ePlettenberg Bay. Iyashesha ukujwayeleka futhi namagiya ayo angena kalula. Emgwaqweni iwubukhosi ngoba ayizweli kakhulu emabhampini futhi umsindo wangaphandle awumkhulu ngaphakathi.

Iyezwakala ukuthi inamandla amancane ngoba ihamba ibuye ifune ukushintshwa uma udlula enye imoto okwenza izwakale isidumela phezulu.

Enye engiyishayelile yiGT. Uma uyifunda phansi injini uyibona incane ngoba kuthiwa yi-1.0 kodwa uma usuphakathi sengathi uhama ngemoto enenjini enkulu. U-gearbox wayo ushintsha kamnandi futhi nasemgwaqweni ihamba kamnandi yize ngiyizwe izwela kancane uma umgwaqo ungaqondile. Kuba wukubeka nje unyawo emafutheni ikuphendule ngokungena emandleni. Nobuhle bayo buyenza icace ukuthi yiVivo engumakhonya.

Izinhlobo nezifika nakho.

Ngike ngakubalula ngenhla ukuthi le moto ifika ngezinhlobo ezahlukene. Kukhona iTrendline, Comfortline, Comfortline Tiptronic, Highline neGT.

IVivo entsha ifika nezinto okubalwa kuzo i-aircon, power steering, isipele esiphelele, amawindi kagesi ngaphambili, ama-fog light, multi-function display, isiteringi esinamabhathini nokunye, safety package (ESC neTyre Pressure Monitor) nokunye kodwa kuya ngenhlobo yakho.

Kwezokuphepha inama-airbag omshayeli nomgibeli ne-ABS. Uma uthanda ungafaka i-cruise control, ama-fog light ngaphambili, isikhumba, amarimu angu-15 inch ne-

I-Comfortline inezinto ezifanayo neTrendline nama-fog light, multi-function display, isiteringi esinamabhathini nokunye. Uma uthanda ungayigaxa i-cruise control, towbar, izihlalo zesikhumba, Radio 340G nokunye.

IComfortline Tiptronic yona ifika nesihlalo somshayeli okwazi ukusihlela, multi-function display, isiteringi esinamabhathini, fog lights ngaphambili, ungayifaka i-cruise control, towbar nokunye.

Amanani

1.4 55kW Trendline R179 900

1.4 63kW Comfortline R192 000

1.6 77kW Comfortline Tiptronic R221 900

1.6 77kW Highline R214 900

1.0 TSI 81kW GT R245 000

Ifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma * -120 000km ne-6 year Anti Corrosion Warranty. Uma uthanda ungathenga ne-Automotion Maintenance Plan neVolkswagen Automotion Service Plan.