ITOUAREG entsha
BAKUSONGE ngenothi eliphezulu ukwethula izimoto ezintsha kulo nyaka kwaVolkswagen ngokuletha okuyiyona ephambili kunazo zonke, iTouareg.

Uzokhulumbula ukuthi le nkampani u-2018 iwuvule ngokwethula iPolo kwalandela iPolo Vivo, Tiguan Allspace, Arteon, Polo GTI njengoba sekuyiTouareg nje.

Lokhu kusho ukuthi isebenze kusakhanya manje sekulele kubantu ukuthi bazamukela kanjani izimoto zayo.

Uma ubheka izinombolo, izinto zikhombisa ukuhamba kahle ikakhulukazi uma ukhuluma ngePolo nePolo Vivo eziyizintandokazi eMzansi.

Ngaphandle kokuchitha isikhathi, asivele singene kuyo le ngqovungqovu yeSUV. Awudingi kubuza kumuntu ukuthi yinhlobo entsha ngoba uzibonela ibekwa nje.

Le Touareg yesizukulwane sesithathu ithe ukuvuleka yase iba yinde kunendala.

Lokhu bathi kube nomthelela omuhle ekutheni ivuleke ngaphakathi njengoba ibhuthi isingu-810 litres. Yize kunjalo kodwa bathi ilula ngo-106kg.

Indlela ebukeka ngayo ngaphambili igqame ngegrille enkulu egqize ngechrome kanjalo namaLED lights amasha.

Emaceleni uqaphela amasondo amasha aqala ku-18 inch ubukhulu bawo aze afinyelele ku-21 inch.

Ngemuva, ibhuthi ivuleka ngebhathini futhi ikhanyisa ngamalambu eLED.

Ngezansi inezinqawe ezimbili.

Okumnani wukuthi ifika nezinto eziningi ngaphandle kokuthi phohlo imali ngaphezulu. Lokhu kuhlananisa ipanoramic sunroof, ibhuthi evuleka ngogesi, towbar kagesi nokunye. Uma ungena ngaphakathi ngathi yilapho abakwaVW abachithe isikhathi sabo esiningi khona. Umshayeli uthi engahlala esihlalweni sesikhumba bese ebhekana ne-“Innovision Cockpit”. Yilapho ke kuhlelwa khona zonke izinto ngemoto futhi nayo ikhombisa konke okubalulekile.

I-infotainment system itshekele ngakumshayeli futhi uyakwazi ukufaka Discover Premium engu-15 inch. Yona nokho izifikela neDiscover Pro engu-9.2 inch kodwa ufake iPremium uma uthanda.

Ihlangana kamnandi neDigital Cockpit engu-12 inch. Lapha ubona inkombandlela, cruise control, ijubane nokunye.

Uma uthanda ukwazi ukufaka ihead-up display (HUD) eveza izinto ezibalulekile njengenkombandlela kwi-windscreen yomshayeli.

I-HUD iyingxenye ye-Advance Safety Package ehlanganisa iLane Assist neSide Assist with Night Vision. Nabagibeli abahlanu bahlala ngokukhululeka. Engikuthandayo wukuthi inezindawo ezimbili zokufaka i-USB kanjalo nezimbili ngemuva. Kukhona neyokufaka itwin plug ngemuva.

Kulabo abathanda umsindo bafaka iDynaudio ekhipha umsindo ongu-730 Watt.

ITouareg ihlukene ngezinhlobo ezimbili okuyiLuxury ne-Executive.

I-Executive idle ngeR-Line design eyengeza ubuhle.

Njengoba ngishilo ukuthi ngathi isikhathi esiningi basichithe ngaphakathi, ifika nenqwaba yobuchwepheshe obenza impilo yomshayeli ibe lula futhi aphephe.

Kukhona iNight Vision eyenza ukuthi ikwazi ukufunda izilwane noma abantu ngaphambilli bese itshela umshayeli. Ngaleso sikhathi isuke ivivisa amabhreki.

Uma ibona kunengozi ibhanyazisa amalamu e-IQ.Light Matrix LED headlights ukuze itshele umuntu ukuthi kunemoto ezayo.

Ifika futhi neTrailer Assist esiza ekutheni kube lula ukuhlehla ngenqola (enesisindo esifinyelela ku-3.5 tons) ngoba iyazenzela futhi inePark Assist elekelela uma upaka ngoba iyazijikela isiteringi.

Uma uhlehla iveza ingemuva ngekhamera futhi ine multicollision brake eyenza ukuthi ibhreke ngemuva kokushayisa ukuze igweme ezinye izingozi.

Ngaphansi kwebhonethi kunenjini eyodwa engu-3.0 litre TDI V6 efuqa amandla angu-190 kW netorque engu-600 Nm.

Ugearbox wayo uyi-8 speed DSG tiptronic. Idonsa ngawo womane amasondo.

Engikuqaphelile ngesikhathi sihamba ngayo wukuthi ayizwakali nhlobo ukuthi udizili uma iduma ngendlela ethule ngayo ngaphakathi.

Ngisho uyinyathela kakhulu umsindo wenjini mncane kakhulu ngaphakathi futhi ayizwakali noma isigijima.

Emgwaqweni intofontofo ikakhulukazi kowubhuqu. Umshayeli ukurufa inkinobho akhethe ukuthi uhamba kuphi bese eyifaka kokufanele njengo-Eco, Sport, Normal, Individual, Off-road noSnow.

Ubuntofontofo bayo bulekelelwa yi-4-Corner air suspension. Iyakwazi ukuphakama umzimba uma ihamba obhuqwini iphinde yehle emgwaqweni.

Ungathuki maduze uma uyibona ifakwe amalambu aluhlaza isihamba izikhulu ngoba okuzeheha kakhulu ukufika kwayo nezinto eziningi ngaphandle kokwengeza imali.

Amanani

3.0 V6 TDI 190kW (Luxury)

R999 800

3.0 V6 TDI 190kW (Executive)

R1 088 200

Ifika neMaintenance Plan yeminyaka emihlanu noma * -100 000km, warranty yeminyaka emithathu noma * -120 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12.