UMNDENI weNissan Navara wandisiwe ngokwethulwa kwenhlobo entsha iStealth.
UMNDENI weNissan Navara wandisiwe ngokwethulwa kwenhlobo entsha iStealth.

IStealth ithe ukwehluka kuneNavara ekhona emakethe. Ichrome yayo ishintshwe yaba myama ngaphambili, yaba nombala osawolintshi kwi grille nakubhampa ngaphambili. Umbala omnyama nowolintshi ukhona futhi nasezibukweni emaceleni nasezitebhisini.

Iphinde ibe neroll bar namarimu amnyama.

Nangaphakathi imibala emibili ikhona. Izihlalo zesikhumba zimnyama bese ziba nombala owolintshi. Kukhona nezitishi ezisawolintshi esiteringini nakwi armrest phakathi nendawo.

Isikhulu sezokumaketha kwaNissan South Africa, uKabelo Rabotho, uthe iNissan inomlando weminyaka engaphezulu kuka-50 eNingizimu Afrika.

“INissan Navara Stealth entsha yakhiwe kucatshangwa amakhasimende aseNingizimu Afrika ukumelana nezidingo zawo nokuveza ukuthi angobani,” kusho uRabotho.

Uthe yakhelwe phezu kwesisekelo seNavara eqinile, entofontofo futhi yenzelwe amakhasimende athanda ukushuna izimoto.

INavara ifika ngezinhlobo ezimbili okungedonsa ngamasondo amabili nedonsa ngawo wonke. Inenjini enamaturbo amabili enamandla angu-140 kW netorque engu-450 Nm.

Idonsa ngogearbox oyi-6 speed oshintshwayo kanjalo noyi-7 speed ozishintshayo ne-5-link coil suspension eyenza ukuthi ihambe kahle.

Ifika futhi neNissan Intelligent Mobility technologies okuwubuchwepheshe obusiza ukuthi ihambe kamnandi emakhoneni ngokuthi ihlele kahle amandla emasondweni.

Ifika futhi ne-Intelligent Around View Monitor esebenzisa amakhamera amane ukuze iveze umzimba wonke ikakhulukazi uma upaka.

Inani

Nissan Navara StealthR582 200

Ifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma * -90 000km newarranty yeminyaka eyisithupha noma * -150 000km.