ILEXUS ES 250 EX
NGESIKHATHI ngiyolanda iLexus ES 250 EX onginikeza ukhiye uyancokola uthi “kumele uyigqokele isudi nothayi”.

Ngempela phela le moto inesithunzi ungafunga ukuthi yimoto yomnumzane othize.

Inde ilaphaya njengoba ubude bunyuswe ngo-65 mm bayehlisa ngo-5mm kwathi ububanzi bakhushulwa ngo-45 mm. Lokhu kwenza ne-wheelbase yanyuka ngo-50mm.

Uma ungena ngaphakathi isikhala sibuzwa kuyo. Wonke umuntu uhlala ngokukhululeka, amadolo awashayi ezihlalweni zangaphambili uma ungemuva futhi ibhuthi wudedangendlale.

Izihlalo ngezesikhumba futhi ezangaphambili ziyashisa noma ziqande.

Ngaphambili kune-screen okuyilapho ubona khona ingemuva uma uhlehla, amabhathini esiteringi okuhlela umsakazo noma i-cruise control nebhathini lokuyidumisa.

Ngasegiyeni ngezansi kuneRemote Touch touchpad okuyilapho ulawula khona okuvela kwi-screen njengokudlala umsakazo nokunye.

Kungcono uhlele kahle yonke into ngaphambi kokungena emgwaqweni ukuze ungazami ukulokhu uthinta ngoba kuwumqansana.

Phezulu okhakhayini kune-sunroof evulekayo noma iphakame iye phezulu kungene umoya.

ILEXUS ES 250 EX

Uma uyibuka ngaphandle yinhle igqame nge-grille yayo enkulu futhi inamasondo anamarimu angu-17 inch.

I-ES 250 ifakwe injini entsha engu-2.5 litre four-cylinder kaphethroli kanjalo no-gearbox omusha oyi eight-speed Direct Shift automatic transmission.

Ikhiqiza amandla angu-152 kW ne-torque engu-243 Nm kanti ngebanga lika-100km/h isebenzisa amalitha kaphethroli angu-6.6.

Ngesikhathi sihamba ngayo ibisebenzisa angu-8.6 ngebanga elifanayo.

Emgwaqweni ithule futhi intofontofo. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-9.1 kanti ijubane layo elikhulu ngu-210km/h .

Uma ubamba amakhona uyizwa umzimba ulala wonke ekhoneni okuyenza ibe kahle uma uzihambela nje ngokukhululeka ungajahe ndawo noma uma ufuna ukushesha bese uyanciphisa emakhoneni.

Uma uthanda futhi uyakwazi ukuzishintshela wena kuma-paddle shift ngemuva kwesiteringi.

Ngakwezokuphepha ifika nenqwaba yezinto engingabala kuzo ama-airbag angu-10 nokunye.

Izithombe:


Okungichazayo ngayo wukuthi ayikho imali okumele uyengeze uma kukhona izinto ofuna ukuzifaka njengezinye izimoto encintisana nazo.

Kunalokho ngenani layo uthola konke futhi inesikhala esanele ngaphakathi.

Iyimoto ehloniphekile enikana isithunzi, okuyinto ethandwa kakhulu yigenge ethe ukuqina.

Inani

Lexus ES 250 EX - R593,300

Iphuma ne-warranty neFull Maintenance Plan yeminyaka eyisikhombisa noma u-105 000 km. Kumele iye kwisevisi ngemuva kokuhamba u-15 000 km noma kanye ngonyaka.