KUZONA zonhlanu izinhlobo zePolo Vivo entsha okuyiyona engumakhonya emndenini yiVivo GT

KUZONA zonhlanu izinhlobo zePolo Vivo entsha okuyiyona engumakhonya emndenini yiVivo GT.

Iphuma nezinto ezithe xaxa uma uyiqhathanisa nozakwabo okuyi-1.4 55kW Trendline, 1.4 63kW Comfortline, 1.6 77kW Comfortline Tiptronic ne-1.6 77kW Highline.

Ngaphandle ibukeka iyinhle futhi uma uyiqhathanisa nezinye nokuyinto engasho ukuthi ezinye azibukeki.

IVivo entsha yiyona yodwa imoto esesigabeni sezimoto ezincane i-A0 segment eyakhiwa kuleli. Isuselwe kwiPolo endala yesizukulwane sesihlanu.

Ngaphambili ishaya ngamalambu amakhulu kuthi ngezansi ibe nama-fog lights. Kwi-grille iqoshwe uGT.

Emaceleni izibuko kanjalo nezibambo zokuvula zifana nombala wemoto bese kuthi ngezansi ngasezicabheni inomhlobiso okuthi ngemuva ubhalwe uGT. Ebesihamba ngayo ibomvu (Flash Red) igqamile futhi iyawadonsa amehlo.

INGAPHAKATHI lePolo Vivo GT

Ngemuva ibhalwe igama layo noGT ngakolunye uhlangothi.

Ibukeka i-sporty ngenxa ymarimu ayo angu-17 inch “Mirabeau” alloy wheels, i-spoiler okhakhayini ngemuva, i- moulding emnyama emaceleni, * - suspension bathe ukuwehlisa kanjalo nenqawe egqize nge-chrome.

Ngaphakathi ishaya ngama-sports seat, ama-pedals ayacwebezela futhi ivulekile njengoba ubude bayo bungu-3 972mm, ububanzi bungu-1 682 kanti ukuya phezulu ingu-1 462mm. Ibhuthi ingu-280 litres kanti uma ulalise izihlalo zangemuva isikhala siba ngu-952 litres.

Yakhiwe ngezinto eziqinile ku- dashboard nasezicabheni. I- infotainment system yayo iyiColour Touchscreen Radio 430G ehlanganisa ne-App-Connect. Inezipikha eziyisithupha kanti idlala i-USB futhi ineBluetooth.

Inesiteringi esinamabhathini, isihlalo somshayeli uyakwazi ukusihlela ukuthi sime kanjani neMulti-function display.

Izinto ongazifaka zihlanganisa iSmokers Package, Storage Package (kwi-armrest phakathi nendawo nangaphansi kwesihlalo somshayeli), removable towbar ne-cruise control.

Ayigcini kuphela ngokukhonya ngobuhle kodwa nangamandla iyingqwele yize inenjini encane. Injini ingu-1.0 TSI enamandla angu-81 kW ne-torque engu-200 Nm. Ikwazi ukusuka ku-0 iye ku-100km/* ngemizuzwana engu-9.7. Ijubane layo elikhulu ngu-196 km/* futhi idonsa ngo-gearbox oshintshwayo oyi-6 speed.

Ukuba namarimu amakhulu no-suspension owehlisiwe akuyiphazamisi endleleni ehamba ngayo ngoba intofontofo. Injini ayizwakali ukuthi incane ngoba ingena ejubaneni ngokushesha futhi ngisho uyodlula enye imoto awukhathazeki ngokuthi izokhathala.

Ukuba negiya lesithupha kwenza ama-revs abe phansi uma isisejubaneni lokhu okudlala indima enkulu ekutheni yonge nophethroli. U-120km/* nje, iwushaya ngama-revs alinganiswa ku-2500 rpm.

KwaVW bathi ngebanga lika-100km isebenzisa amalitha kaphethroli angu-4.6 futhi ithangi layo lingu-45km.

Ngikwaze ukuhamba ibanga elilinganiselwa ku-660 km ngaphandle kokufaka uphethroli ngezinsuku eziyisithupha. Lokhu kuhlanganisa ukuya ibanga elingu-230 km, “ukushaya izindawo” okuyizindlela ezincane, omunye * -230 km nokuzula futhi edolobheni.

Kwezokuphepha ifika neSafety Package ehlanganisa i-Electronic Stability Control neTyre Pressure Monitor, ABSm alarm ne remote central locking. Ngenani layo uthola imoto ethembekile, enhle, ongayisebenzisela izidingo zakho futhi enamandla.

Inani

1.0 TSI 81kW GT R245 000

Ifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma * -120 000km, ne-Anti Corrosion warranty yeminyaka eyisithupha. Uma uthanda ufaka iVolkswagen Automotion Maintenance Plan neVolkswagen Automotion Service Plan. Kumele iye kwisevisi ngemuva kokuhamba * -15 000km.