BAYIPHEKA ngomhluzu wenye kwaMitsubishi njengoba bethule iTriton eshuniwe kunesemakethe. Ihluke ngendlela ebukeka ngayo ngaphandle nangaphakathi njengoba ihlotshiswe nangemibala e-orange nasezihlalweni.
KULE minyaka eyedlule ukuthengwa kwezimoto ezingamaveni neziphakeme, amaSUV kundlondlobale kakhulu emhlabeni jikelele naseNingizimu Afrika.

Uma ubheka nje, imoto edayisa kakhulu eNingizimu Afrika yiveni iToyota Hilux. Eduze kulandela iFord Ranger.

Lokhu kufakazela khona ukuthi amaveni ayintandokazi ngoba ne-Isuzu KB nalo libalwa nezinye zezimoto ezidayisa kahle zinyanga zonke.

Umbango wabathengi ushisa phansi futhi akuthusi ukubona iMitsubishi ingafuni ukuzithela ngabandayo njengoba yethule enye inhlobo yeveni layo leTriton.

ITriton iyiveni elibonakala ngathi abantu babuye balikhohlwe ngoba ngenyanga eyedlule nje, kudayiswe angu-32.

Lesi yisibalo esincane kakhulu uma uqhathanisa neHilux, ukwenza isibonelo, yona okudayiswe angu-3 369 ngenyanga efanayo.

Le moto ingenye yengizithandayo ngenxa yobuntofontofo bayo okuyenza ihambe ngathi yiSUV nangendlela futhi eyonga ngayo udizili.

Omunye umuntu nokho engazithethelela ngokuthi izimoto iTriton elincintisana nazo zinezinhlobo eziningi abathengi abangakhetha kuzo kuneTriton.

KwaMitsubishi bayazama ngoba lena ekhona emakethe yethulwe ekuqaleni konyaka odlule.

Kuthe kuyophela unyaka bethula eyekhethelo futhi enesibalo esikaliwe iTritonXtreme Limited Edition. Bheka manje sebeyeze ne-Athlete.

ITriton Athlete ivele icace isekude ukuthi ayisiyona iTriton eyejwayelekile. Yona ihlotshiswe ngombala osawolintshi ngaphakathi nangaphandle.

Ine-grille eyehlukile, ubhampa ngaphambili nangemva kanjalo nasemakhwapheni amasondo.

inamarimu amasha angu-17 inch, sports bar ene tailgate spoiler nendlela ehlukile okwenziwe ngayo izitebhisi emaceleni nezibambo zokuvula izicabha. InamaBi-xenon HID headlamps namadaytime running lights.

Itholakala ngemibala emibili okungomhlophe no-grey.

Ngaphakathi inezilalo zesikhumba ezimnyama no-orange. Ziqoshwe * -Athlete. Ine multifunction steering wheel, ama shift paddles kugearbox oyi-5 speed automatic, ishintshwe i-instrument display, smark-key system futhi idunyiswa ngebhathini futhi ine dual-zone air-conditioning.

Le moto ishaya ngenjini engu-2.4 litre MIVEC VGT turbo-diesel ekhiqiza amandla angu-133 kW netorque engu-430 Nm. Njengoba ngishilo ngenhla, ino gearbox ozishintshayi oyi-five speed.

Inamandla okukwazi ukudonsa umthwalo ongu-3.1 tons.

Ngaphezu kwezokuphepha ezitholakala kwiTriton 4x4 eyejwayelekile ezihlanganisa i-ABS ne-EBD, Brake Assist, Active Stability neTraction Control, Hill-start Assist neSuper Select 4WD-II 4WD system, ifika nama-airbag ayisikhombisa nendawo yokufaka isihlalo sengane.

Inani

Mitsubishi Triton Athlete R559 995

Leli yinani elifanayo neTriton 4x4 Double-Cab A/T eyejwayelekile.

Ifika newarranty yeminyaka emithathu noma * -100 000km ne service plan yeminyaka emihlanu noma * -90 000 km. Kumele iye kwisevisi ngemuva kokuhamba * -10 000km.

Izithombe zeMitsubishi Triton Athlete ekhasini 4