IKuga ST-Line esishuniwe
KUBONAKALA sengathi kusazothatha isikhahi ngaphambi kokuthi abantu bakhohlwe yisigameko sokusha kwamaFord Kuga.

Lokhu ngikubone kahle ngesikhathi ngihamba ngeKuga ST-Line muva nje.

“Ayisashi yini?” kubuza omunye.

Ngibe sengimchazela ukuthi okuyiyo eyayinenkinga kwakungenenjini engu-1.6 litre futhi kwaFord baze bacela ukuthi abantu baziyise emagaraji ukuze ziyohlolwa. Inkinga kwakuwukuthi injini ishisa ngokwedlulele nokungadala umlilo.

Ngesikhathi bethula iKuga entsha ekupheleni kuka-2017, ibingasekho injini engu-1.6 litre kunalokho bese kukhona engu-1.5 ne-2.0 EcoBoost kanjalo ne-2.0 litre TDCi turbodiesel.

Babe sebeyithatha le Kuga kwaFord bayishuna kwaphuma iKuga ST-Line. Abaningi bazi ukuthi igama elithi ST lisho amandla engeziwe kodwa lena yiST-Line. Yinto efanayo neyenziwa yiVW ngokufaka imoto R-line kit eshuna indlela ebukeka ngayo.

IKuga ST-Line nje inombala omnyama ocwebezelayo ngaphabili kwi-grille futhi ihlukile nakuma-fog lamp bezels.

Ishaya ngama-roof rails amnyama, diffuser ngemuva, amalambu athe ukuba mnyama kanjalo nasemawindini ngemuva.

Bayiqophe uST-Line kuma-fender emaceleni futhi inamarimu angu-19 inch amnyama.

Ngaphakathi inama-sport seats anesikhumba esincane futhi anezitishi ezibomvu ezisesiteringini nasegiyeni. Izihlalo zintofontofo nokuyinto oyiqaphela usasibeka nje isinqa.

Phakathi nendawo ngaphambili ineSYNC 3 infotainment system okuyilapho kuvela khona inkombandlela, uxhume iselula nge-Apple Car Play nokunye. Uma uhleli kufuna ungathi ungasondela mbijana ukuze uzokwazi ukuyiciphiza kahle kwi-screen.

IKuga iyimoto ekahle yomndeni ngenxa yokuvuleka kwayo. Isikhala ebhuthini sikhulu. Ngesikhathi ngilalise izihlalo ngigaxe ibhayisikili elikhulu ngaphandle kokulikhipha amasondo.

Okunye okumnandi ukuthi uma uphethe izimpahla ukhiye usephaketheni, ushwiba unyawo ngaphansi kwebhuthi bese iyavuleka nanoma usuyivala futhi.

Emgwaqeni ihamba ngenjini engu-2.0 EcoBoost ST-Line efuqa * -177 kW netorque engu-340 Nm. Idonsa ngawo wonke amasondo futhi inogearbox oyisix-speed automatic.


Ngike ngakubalula ukuthi izihlalo zintofontofo, noma isihamba intofontofo futhi. Uma uzihambela kahle ugearbox ushintsha kahle buthule. Uma ugijima ibuye ikukhumbuze ukuthi akusiyo imoto yejubane uma ushintsha igiya ngoba kuthatha isikhathi ngaphambi kokuthi lingene.

Bayehlise ukuphakama ngo-10mm ukuze izobambelela nokuyinto eyenzekayo futhi isizwa anawukuthi idonsa ngawo womane amasondo.

Into ekhalisayo yindlela edla ngayo uphethroli ngoba ngebanga lika-100km ibingaze iphuze ngaphansi kuka-11 litres.

Ziningi futhi nezinto ezisiza umshayeli ezenza impilo ibe lula njengeDriver Assistance Pack ehlanganisa i-Adaptive Cruise Control, Advanced Active Park Assist, Blind Spot Information System neLane Keeping Aid injalo nje iyazishaya ubright uma kumnyama iphinde izicishe uma kuqhamuka enye imoto.

Ukube igama alithunazekile ngabe ilwa kangcono nezimbangi ezifana neTiguan R-line nezinye. Ayikhalisi ngalutho ngaphandle kokuphuza uphethroli ngakho yimoto ongayibheka uma unomndeni.

Inani

2.0 EcoBoot T-Line AWD 6AT R552400

Iphuma ne-warranty yeminyaka emini noma u-120 000km, roadside assistance yeminyaka emithathu,

corrosion warranty yeminyaka emihlanu neservice plan yeminyaka yisithupha noma u-90 000 km.

Kumele iye kwisevisi ngemuva kokuhamba u-15 000km.