IBMW 1 Series entsha
IBMW 1 Series entsha
IBMW 1 Series entsha
IBMW 1 Series entsha

IBMW yethule iBMW 1 Series entsha emhlabeni jikelele nokungeyesizukulwane sesithathu. Le nkampani ithi sekudayiswe angaphezulu kuka-1.3 million ama-1 Series emhlabeni jikelele futhi ithandwa kakhulu e-Europe.

Eyesizukulwane sesithathu ihluke kakhulu kunendala futhi bathi inesikhala esikhulu ngaphakathi. Okunye ukuthi sekukhona enezicabha ezinhlanu kuphela.

Ubude bayo bunciphe ngo-5 mm okuyenza ibe ngu-4 319mm. Ububanzi bayo bande ngo-34 mm baba ngu-1 799 mm. Ukuphakama kungu-1 434mm, okusho ukuthi kunyuke ngo-13 mm. I-wheelbase incishiswe ngo-20 mm njengoba isingu-2 670mm.

Ngaphambili ine-kidney grille enkulu njengezimoto zakamuva zakwaBMW.

Uma uthanda uyigaxa amaFull-LED lights ngemuva. Amarimu ayo anhlobonhlobo kusuka kwngu-16 inch kanti kungokokuqala ukuthi kube khona angu-19 inch. Okhakhayini kune-electronic panoramic roof okokuqala ngqa.

Ukwazi futhi ukuyifaka i-infotainment systeme eneBMW Operating System 7.0 entsha okwazi ukuyisebenzisa ngokunyakazisa izandla eduze ne-screen.

Kukhona neBMW Live Cockpit enkulu futhi umshayela angakwazi ukufaka iHead-Up Display engu-9.2 inch okokuqala ngqa kwi-1 Series.

Njengoba ngishilo ngenhla ukuthi bathe ivulekile. Bathi abahlomula kakhulu ngalokhu kuvuleka ngabagibeli bangemuva. Nesikhala sebhuthi, oyivula ngogesi okokuqala, naso sesithe xaxa ngo-20 litres saba ngu-380 litres. Uma ulalise izihlalo siba ngu-1 200 litres.

Kungokokuqala ukuthi ifike idonsa ngamasondo angaphambili kodwa ikhona edonsa ngawo wonke i-xDrive.

Ezine-xDrive yi-120d xDrive neM135i xDrive kanti zisebenzisa u-gearbox oyi-eight-speed Steptronic transmission.

I-M135i yiyo enamandla njengoba ifuqa * -225 kW netorque engu-450 Nm. Bathi kuyithatha imizuzwana engu-4.8 ukusuka ku-0 iye ku-100km/* kodwa uma ineM Performance package kuyithatha imizuzwana engu-4.7.

Sezizonke izinjini zihlukene kabili ezikaphethroli nezimbili zikadizili. ENingizimu Afrika kuzoza iM135i xDrive ne-118i enenjini engu-1.5 litre three-cylinder turbopetrol enamandla angu-103 kW netorque engu-220Nm.

Isebenzisa u-gearbox oyi-six-speed manual kodwa uma uthanda ufaka i-seven-speed dual-clutch Steptronic.

Inenqwaba yobuchwepheshe

Ziningi izinto efika nazo zokuqwashisa umshayeli ukuze ezogwema ingozi.

Kukhona iLane Departure Warning, Adaptive Cruise Control, Lane Change Warning system, rear collision ne-crossing traffic warning.InePark Distance Control ekuqwashisa uma upaka noma uphuma endaweni yokupaka.

Abashayeli bakwazi ukuyivula nokuyivala ngeselula ngeBMW Digital Key futhi uyidumisa ngayo iselula uma uyibeke kwi-wireless charging tray.

Uphinde ukhulume nayo njengekwi-3 Series entsha uthi “Hey BMW,” bese usho ukuthi ayenzeni. Le moto izotheleka eNingizimu Afrika ngekota yesithathu yonyaka.