IJAGUAR E-PACE

ISIGCINE ithelekile kwelengabadi iJaguar E-Pace entsha obese kunesikhathi kubikezelwa ukuthi isendleleni.

Le moto eyi-compact SUV elayisha abagibeli abahlanu, ijoyina umndeni wale nkampani wamaSUV ngemuva kweF-PACE ne-I-PACE Conceprt angama-electric SUV.

Indlela eyakhiwe ngayo isuselwe kwiF-TYPE Sports Car.

Ngaphandle igqame nge-grille yayo enkulu, ama-overhangs amafishane futhi uma uthanda uyifaka amarimu angu-21 inch alloy.

UFinbar McFall onguMqondisi kwezokukhangisa kwaJaguar Land Rover emhlabeni jikelele, uthe isidingo samaSUV namaCrossover siyakhula, ikakhulukazi eChina, futhi kuqagulwa ukuthi emhlabeni imakethe izokhula ngo-23% ngo-2020.

“IJaguar iseqhulwini lalesi sidingo ngokukhulisa umndeni wethu wamaSUV amaPACE. Siheha amakhasimende amasha ikakhulu izithandani nemindeni esemincane.”

I-E-PACE ifika nobuchwepheshe bezokuxhumana ngaphakathi. Ifika nezindawo ezine zokushaja u-12-volts, izindawo ezinhlanu zokufaka ama-USB kanjalo ne-4G Wi-Fi hotspot ekwazi ukuxhuma izinto ziyisishiyagalombili.

Ngaphakathi bathi inodedangendlale wesikhala. Ingu-4 395mm ubude kanti ama-overhangs angaphambili angu-882mm kuthi awangemuva abe ngu-832mm. I-wheelbase yayo ingu-2 681mm nokwenza ukuthi abagibeli abahlanu bahlale ngokukhululeka ngaphakathi. Ibhuthi ingu-577 litres.

Zonke zifika neJaguar Touch Pro infotainment system. Ino-10 inch touchscreen kanti inobuchwepheshe bokulawulwa ngephimbo.

Uma uthanda uyifaka i-full colour digital TFT instrument panel engu-12.3 inch. Iphinde ibe neThin-Film Transistor Head-Up Display.

Ngaphansi kwebhonethi inezinjini ezihlukene ezongayo zikaphethroli nodizili. Enamandla angu-221 kW Ingenium petrol turbo engine ekwazi ukuyithwala isuka ku-0 iye ku-100km/* ngemizuzwana engu-6.4 kanti ijubane layo limiswe ku-243 km/* .

Labo abafuna eyongayo bangakhetha engu-110 kW ingenium diesel engine edla amalitha angu-5.6 ngo-100km.

Sezizonke izinjini kukhona ezikadizili ezintathu ezinandla angu-110kW, 132kW no-177kW nezimbili zikaphethroli ezinamandla angu-183kW no-221kW.

Idonsa ngawo womane amasondo futhi ino-gearbox oyi-nine-speed automatic transmission. Lezo ezinamandla amakhulu zine-Active Driveline okuwubuchwepheshe okungokokuqala ukutholakala kwaJaguar. Benza ukuthi inamathele emgwaqweni futhi amandla amaningi iwathumele emasondweni angemuva kakhulu.

Iyimoto yokuqala futhi ukufika ne-Activity Key okuwukhiye owugqokayo uma ugijima noma ushova ibhayisikili.

Izinto efika nazo ngaphandle kokunezezela imali yiTouch Pro infotainment system, LED headlights, ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla, Cruise Control neSpeed Limite kanjalo nama-sensor ngaphambili nangemuva.

Abathengi bangakwazi ukukhetha phakathi kweStandard, S, SE neHSE.

Amanani

E-PACE

D150 AWD Automatic 110kW R598 500

D180 AWD Automatic 132kW R619 500

P250 AWD Automatic 183kW R667 800

E-PACE S

D150 AWD Automatic 110kW R659 900

D180 AWD Automatic 132kW R680 900

P250 AWD Automatic 183kW R729 200

D240 AWD Automatic 177kW R735 100

P300 AWD Automatic 221kW R783 400

E-PACE SE

D150 AWD Automatic 110kW R698 900

D180 AWD Automatic 132kW R719 900

P250 AWD Automatic 183kW R768 200

D240 AWD Automatic 177kW R774 100

P300 AWD Automatic 221kW R822 400

E-PACE HSE

D150 AWD Automatic 110kW R734 900

D180 AWD Automatic 132kW R755 900

P250 AWD Automatic 183kW R804 200

D240 AWD Automatic 177kW R810 100

P300 AWD Automatic 221kW R858 400

E-PACE R-DYNAMIC

D150 AWD Automatic 110kW R632 500

D180 AWD Automatic 132kW R653 500

P250 AWD Automatic 183kW R701 800

E-PACE R-DYNAMIC S

D150 AWD Automatic 110kW R693 900

D180 AWD Automatic 132kW R714 900

P250 AWD Automatic 183kW R763 200

D240 AWD Automatic 177kW R769 100

P300 AWD Automatic 221kW R817 400

E-PACE R-DYNAMIC SE

D150 AWD Automatic 110kW R732 900

D180 AWD Automatic 132kW R753 900

P250 AWD Automatic 183kW R802 200

D240 AWD Automatic 177kW R808 100

P300 AWD Automatic 221kW R856 400

E-PACE R-DYNAMIC HSE

D150 AWD Automatic 110kW R768 900

D180 AWD Automatic 132kW R789 900

P250 AWD Automatic 183kW R838 200

D240 AWD Automatic 177kW R844 100

P300 AWD Automatic 221kW R892 400

Amakhasimende angakwazi ukuzakhela indlela afuna imoto yawo ibukeke ngayo ngokuya kwi-website yakwaJaguar.

Zonke ziphuma neJaguar Care Plan yeminyaka emihlanu: i-service plan ka-100 000km noma iminyaka emihlanu, maintenance plan yeminyaka emihlanu noma * -100 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma * -100 000km.